Indlela Enhle Yokujabulela IziNgoma ZoMbuso
Izinceku zikaNkulunkulu zibheka umculo njengesipho esihle esivela kuJehova. (Jak. 1:17) Amabandla amaningi ayakujabulela ukudlalela phansi izingoma zoMbuso ngaphambi nangemva kwemihlangano yebandla. Ukudlala umculo ongokwasezulwini kuyindlela emnandi yokusamukela emihlanganweni. Kusiza izingqondo zethu ukuba zilungele ukukhulekela. Ngaphezu kwalokho, ukudlala izingoma ezintsha eziseculweni lethu kusenza sijwayelane nendlela efanele yokuzihlabelela. Izingoma ezinjalo ezidlalwa ngemva ngemihlangano zisigcina sinesimo sengqondo esifanele esisenza sijabulele ubudlelwano obakhayo. Ngakho-ke, izindikimba zabadala kufanele zenze amalungiselelo afanele okudlalwa komculo othathwe kuyi-CD ethi Sing to Jehovah—Piano Accompaniment ngaphambi nangemva komhlangano. Kufanele baqiniseke ukuthi izinga lomsindo aliphakeme kakhulu lize liphazamise izingxoxo.