ISimiso Sesonto Lika-November 28
ISONTO ELIQALA NGO-NOVEMBER 28
INgoma 26 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 13 ¶8-16, ibhokisi ek. 105 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1-8 (10 imiz.)
No. 1: IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:1-17 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungani OFakazi BakaJehova Bethi Izinsuku Zokugcina Zaqala Ngo-1914?—rs k. 186 ¶4–k. 187 ¶3 (5 imiz.)
No. 3: Singabenza Kanjani Abanye Basihloniphe? (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izaziso. Kusetshenziswa intshumayelo eyisibonelo ekhasini 4, akube nomboniso wokuthi singaqalwa kanjani isifundo seBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-December. Khuthaza bonke ukuba babe nengxenye.
15 imiz: “Imfanelo Ebaluleke Kakhulu Yomfundisi Omuhle.” Imibuzo nezimpendulo. Cela izilaleli zisho ukuthi uthando olwaboniswa abantu ababezifundela iBhayibheli lwazisiza kanjani entuthukweni engokomoya.
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-December. Ingxoxo. Sebenzisa umzuzu kuya kwemibili usho izihloko ezimbalwa ezingase zikhange ensimini yenu. Ngemva kwalokho, kusetshenziswa uchungechunge lwezihloko ezisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ongavusa isithakazelo kanye nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nangochungechunge lwezihloko ezikuyi-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, ningadlulela nakwesinye isihloko komunye walabo magazini. Akube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
INgoma 63 Nomthandazo