Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/11 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Landelela Ngokushesha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Siza Uye Ngokushesha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ibhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Kwenziwani Ehhovisi Legatsha?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 11/11 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼ Ubani okufanele agcwalise isigqebhezana kanye nezicelo ezithunyelwa nge-Internet?

Izincwadi zethu zivame ukuba nezigqebhezana ezingase zigcwaliswe bese zithunyelwa ehhovisi legatsha zokucela incwadi noma ukuvakashelwa omunye woFakazi BakaJehova. Ngaphezu kwalokho, ingosi yethu ethi www.watchtower.org ingasetshenziswa ekuceleni isifundo seBhayibheli. La malungiselelo asiza abaningi ukuba bafunde iqiniso. Nokho, kuye kwaba nezinkinga lapho abamemezeli besebenzisa la mathuluzi ukuze bahlelele izihlobo zabo noma abanye ukuba bathole usizo olungokomoya.

Abanye abaye bathunyelelwa yihhovisi legatsha izincwadi bengazicelanga baye bakhononda, benomuzwa wokuthi inhlangano yethu iyabahlukumeza nokuthi inamagama abo ohlwini lwabantu ebathumelela izinto. Abamemezeli abaye bathola ukwaziswa kokuba bahambele umuntu ongazange azicelele ukuba avakashelwe baye bazithola besesimweni esingajabulisi lapho lowo muntu ebavuthela ngolaka. Ngakho, izicelo ezenziwa engosini yethu noma ngesigqebhezana kufanele zenziwe yibo uqobo abantu abanesithakazelo, bangazenzelwa abamemezeli. Uma igatsha liphawula ukuthi lezi zicelo zenzelwe omunye umuntu, ngokuvamile alenzi lutho ngazo.

Khona-ke, singasisiza kanjani ngokomoya isihlobo noma umuntu esimjwayele? Uma ufuna athole incwadi, kungani ungamthumeleli yona ngokuqondile njengesipho? Uma eye wezwakalisa isithakazelo futhi efisa ukuhanjelwa oFakazi kodwa ungazi ukuthi ungaxhumana kanjani nabadala bebandla lakuleyo ndawo, kufanele unikeze unobhala webandla lakini ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43), yena uyobe eselihlola abese elithumela ehhovisi legatsha. (Ibandla ngalinye kufanele libe nenani elanele lala mafomu.) Nokho, uma umuntu onesithakazelo egqunywe ejele, esesikhungweni esisiza abanenkinga yokusebenzisa kabi izidakamizwa noma esesibhedlela sikahulumeni, akufanele uxhumane nehhovisi legatsha mayelana naye. Kunalokho, ungamkhuthaza ukuba axhumane nabazalwane abahambela leyo ndawo noma ukuba yena abhalele ihhovisi legatsha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela