ISimiso Sesonto Lika-January 10
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 10
INgoma 50 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cf isahl. 16 ¶1-6 (25 imiz)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 IziKronike 33-36 (10 imiz)
No. 1: 2 IziKronike 34:12-21 (4 imiz noma ngaphansi)
No. 2: Yini Esingayifunda Esibonelweni Sikanina KaJesu, UMariya? (5 imiz)
No. 3: Ingabe UJesu Wayemane Nje Engomunye Wabaholi Benkolo?—rs k. 249 ¶4 (5 imiz)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Yiba Nemfudumalo Lapho Ushumayela. Ingxoxo esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, ikhasi 118 isigaba 1, kuya ekhasini 119, isigaba 5.
10 imiz: Ungawelela Yini EMakedoniya? (IzE. 16:9, 10) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2010, amakhasi 163-164 namakhasi 238-239. Ngemva kokuxoxa ngokuhlangenwe nakho ngakunye, cela izilaleli zisho ukuthi yiziphi izifundo ezitholakalayo. Labo abafisa ukuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona kufanele bakhulume nombonisi wesifunda noma babhalele ihhovisi legatsha.
INgoma 75 Nomthandazo