Umsebenzi Ojabulisa Kunayo Yonke
1. Yimuphi umsebenzi wokuphulukisa okungokomoya oqhubekayo namuhla?
1 Labo ababona ukuphulukiswa kwabantu ngekhulu lokuqala, bagajwa yinjabulo. (Luka 5:24-26) Namuhla, siyajabula ngomsebenzi wokuphulukisa okungokomoya. (IsAm. 22:1, 2, 17) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukufunda okuhlangenwe nakho okubonisa indlela iZwi likaJehova nomoya ongcwele okuguqule ngayo ukuphila kwabathile! Kodwa, okwanelisa nakakhulu, ukuhlanganyela kulo msebenzi wokuqhuba izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo.
2. Iyiphi injabulo esingayithola lapho sifundisa othile iqiniso?
2 Ungubani uNkulunkulu? Kungani evumela ukuhlupheka? Yini uMbuso kaNkulunkulu oyoyenzela isintu? Sithola injabulo hhayi nje ngokuphendula leyo mibuzo, kodwa nangokubona umfundi echichima injabulo njengoba efunda la maqiniso. (IzAga 15:23; Luka 24:32) Njengoba umfundi ethuthuka, angase aqale ukusebenzisa igama likaJehova, ashintshe indlela yakhe yokugqoka nokuzilungisa, alahle imikhuba elimazayo futhi aqale nokufakaza kwabanye. Uma ethuthuka aze azinikezele futhi abhapathizwe, uyoba ngumfowethu nesisebenzi esikanye nathi. Ngasinye salezi zinyathelo siletha injabulo.—1 Thes. 2:19, 20.
3. Yiziphi izinyathelo esingazithatha ekuqaleni isifundo seBhayibheli?
3 Ungahlanganyela Yini Kulo Msebenzi? Uma ungathanda ukuhlanganyela kulo msebenzi ojabulisa kunayo yonke, cela uJehova akusize uthole isifundo seBhayibheli, bese wenza ngokuvumelana nemithandazo yakho. (1 Joh. 5:14) Shumayela noma nini nanoma kuphi lapho kutholakala abantu khona. Cela isifundo seBhayibheli noma nini uma kufaneleka. (UmSh. 11:6) Lapho uthola umuntu onesithakazelo futhi utshala nembewu yeqiniso, buyela uyoyinisela.—1 Kor. 3:6-9.
4. Kungani kufanele sicele izifundo zeBhayibheli sinomuzwa wokuphuthuma?
4 Basebaningi abantu abalambile nabomele ukulunga. Ubani oyobasiza banelise izidingo zabo ezingokomoya ngokubaqhubela isifundo seBhayibheli? (Math. 5:3, 6) Ake sizenze sitholakale ukuze sisize ekufezeni umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi ngaphambi kokuba kufike ukuphela.—Isaya 6:8.