ISimiso Sesonto Lika-September 6
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 6
INgoma 69 [91]
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 12-15
No. 1: 2 AmaKhosi 13:1-11
No. 2: Izindlela Esingathola Ngazo Umoya Ongcwele
No. 3: Iyiphi Indlela Eqondile Yegama Laphezulu, UJehova Noma UYahweh, Futhi Kungani Kubalulekile Ukwazi Nokusebenzisa Igama LikaNkulunkulu? (rs k. 244 ¶1–k. 246 ¶7)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 60 [70]
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Okusenza Singabi Abaprofethi Bamanga. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini Ukubonisana, ikhasi 28 isigaba 4, kuya ekhasini 30 isigaba 2. Makube nomboniso ngokusikisela okukodwa okusemakhasini 29-30.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abayisibonelo asebeneminyaka eminingi bekhonza uJehova ngokwethembeka. Umsebenzi wokushumayela ushintshe kanjani kusukela ngesikhathi abaqala ngaso ukuhlanganyela enkonzweni? Ikuphi ukwanda koMbuso abaye bakubona ebandleni nasemhlabeni wonke? Inhlangano ibasize kanjani ukuba bathuthuke njengabashumayeli?
INgoma 121 [135]