Ingabe Usuke Walisebenzisa Ikhasi Elingemuva?
Lapho abantu bethatha umagazini, bavame ukubheka isembozo bese bewuphendula babheke ikhasi elingemuva. Ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda yomphakathi linemibuzo nemisho embalwa evusa isithakazelo kanye nezinombolo zamakhasi ezibonisa lapho leyo ndaba ingatholakala khona.
Singasebenzisa leli khasi ukuze sithole imiqondo emihle yokwakha imibuzo yesethulo esingaqala ngayo ingxoxo. Uma siyiphinda njalo insimu yethu, singashintshashintsha intshumayelo yethu ngokusebenzisa imibuzo engafani phakathi nayo yonke leyo nyanga. Uma umninikhaya ematasa, singafushanisa intshumayelo yethu ngokumbonisa omunye wemibuzo engemuva bese sithi, “Uma ungathanda ukuzwa impendulo, ngingakushiyela lab’ omagazini siphinde sixoxe ngokuzayo uma usunesikhathi.” Abanye abamemezeli bangase bafise ukuqala izingxoxo ngokubonisa umninikhaya ikhasi elingemuva bese bemcela ukuba akhethe umbuzo omthakazelisayo. Bangabe sebembonisa lapho impendulo itholakala khona, bafunde nomBhalo okhethwe kusengaphambili. Ungase ucabange ezinye izindlela ongalisebenzisa ngazo ikhasi elingemuva ukuze uvuse isithakazelo ngomagazini INqabayokulinda.