“Ukuhlakanipha Kubonakaliswa Kulungile Yimisebenzi Yako”
1. Abanye bawubheka kanjani umsebenzi wethu?
1 Ngezinye izikhathi singase sibhekane nokusabela okungekuhle kwabaninikhaya abangasiqondi kahle noma abatshelwe amanga ngoFakazi BakaJehova. Mhlawumbe umbono wabo uthonywe yimibiko yezindaba engenalo iqiniso. Kwezinye izindawo siye sabizwa nangokuthi ‘siyihlelo eliyingozi.’ Kufanele sisabele kanjani uma sigxekwa ngale ndlela?
2. Yini eyosisiza ukuba sigweme ukudumazeka lapho sigxekwa?
2 Londoloza Isimo Sengqondo Esihle: UJesu nezinye izinceku zikaJehova zekhulu lokuqala babengaqondwa kahle futhi begxekwa. (IzE. 28:22) Noma kunjalo, abazange bavumele ukugxekwa kubenze babe namahloni ngenkonzo yabo. UJesu wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Math. 11:18, 19) Waqhubeka enza intando kaYise ngentshiseko, eqiniseka ukuthi abafuna iqiniso babeyokubona ukubaluleka kwezindaba ezinhle. Singagwema ukudumazeka ngokukhumbula ukuthi iNdodana kaNkulunkulu uqobo yaphathwa ngendlela efanayo.
3. Kungani kungafanele isimangaze imibiko emibi nokuphikiswa?
3 UJesu wabonisa ukuthi izwe laliyobazonda abalandeli bakhe njengoba nje naye lamzonda. (Joh. 15:18-20) Ngakho-ke, imibiko emibi nokuphikiswa namuhla akufanele kusimangaze. Empeleni, kufanele sizilindele nakakhulu izinto ezinjalo njengoba singena shí ezinsukwini zokugcina futhi ikhula nentukuthelo kaSathane. (IsAm. 12:12) Singajabula ngokuthi lokhu kuwubufakazi bokuthi izwe likaSathane liphelelwa isikhathi.
4. Uma sibhekana nokusabela okungekuhle ezindabeni ezihle, kufanele siphendule kanjani?
4 Phendula Ngomusa: Uma sibhekana nokusabela okungekuhle, kufanele njalo siphendule ngomusa nangobumnene. (IzAga 15:1; Kol. 4:5, 6) Uma isimo sivuma, singase sikwazi ukuchazela umninikhaya oqotho ukuthi kuningi okushiwo ngoFakazi BakaJehova okungelona iqiniso noma simbuze ukuthi kungani ezizwa ngaleyo ndlela. Impendulo yethu emnene ingase imenze akungabaze lokho akuzwile ngoFakazi BakaJehova futhi alalele lapho evakashelwa uFakazi esikhathini esizayo. Nokho, uma umninikhaya ethukuthele kakhulu, kungase kube ngcono ukuvalelisa. Singaqiniseka ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi abanye basibheka kanjani, uJehova uyayazisa inkonzo yethu.—Isaya 52:7.