ISimiso Sesonto Lika-July 26
ISONTO ELIQALA NGO-JULY 26
INgoma 13 (45)
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 AmaKhosi 15-17
No. 1: 1 AmaKhosi 15:1-15
No. 2: Ubani Owakhuthaza Abantu Ukuba Bakhululeke Ukuzenzela Izinqumo Ngaphandle Kokucabangela Imiyalo KaNkulunkulu? (rs k. 338 ¶4–k. 339 ¶1)
No. 3: Okwenza I-Armagedoni Idingeke
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 81 (98)
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho—Ingxenye 3. Inkulumo esekelwe encwadini Ukuhlelelwa, ikhasi 114 isigaba 2 kuya ekhasini 115 isigaba 3. Xoxa nabamemezeli abayisibonelo ebandleni abaya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo noma eSikoleni SaseGileyadi ngokuthi bazuza kanjani kuleyo mfundo. Uma engekho onjalo ebandleni, landisa okuhlangenwe nakho okunyathelisiwe.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Ngo-August. Ingxoxo nezilaleli. Sebenzisa umzuzu noma emibili ubukeze okuqukethwe omagazini. Yibe usukhetha izihloko ezimbili noma ezintathu, ucele izilaleli zisikisele imibuzo nemiBhalo engasetshenziswa lapho behanjiswa. Makube nemiboniso yokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
10 imiz: “Ukuhlakanipha Kubonakaliswa Kulungile Yimisebenzi Yako.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
INgoma 105 (175)