Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda June 1
“Abantu abaningi bafunda ukuma kwezinkanyezi ngaphambi kokwenza izinqumo. Ucabanga ukuthi ukuphila kwethu kulawulwa yizinkanyezi? [Lindela impendulo.] Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli liyakhuluma ngemilaza yezinkanyezi. [Funda eyesi-2 AmaKhosi 23:5.] Lesi sihloko sinikeza umbono weBhayibheli.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 18.
Phaphama! June
“Ngokuvamile amasonto afuna ukukhokhelwa ngokubhapathiza, imishado nangemingcwabo. Ucabanga ukuthi kulungile lokho? [Lindela impendulo.] Bheka lezi ziqondiso uJesu azinikeza abafundi bakhe. [Funda uMathewu 10:7, 8b.] Lesi sihloko sibonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokukhokhela izinkonzo zenkolo.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 22.
INqabayokulinda July 1
“Abantu abaningi bamane nje babize uMninimandla onke ngokuthi uNkulunkulu. Kodwa bewazi yini ukuthi iBhayibheli liyasitshela igama likaNkulunkulu? [Lindela impendulo, bese ufunda u-Isaya 42:8a.] Lo magazini uyachaza ukuthi kungani igama likaNkulunkulu liye lakhishwa kwezinye izinguqulo zeBhayibheli nokuthi kusho ukuthini ukwazi uNkulunkulu ngegama.”
Phaphama! July
“Lesi simo sezomnotho sibangela ukukhathazeka okukhulu. Labo abangasebenzi bacindezeleka kakhulu, kanti labo abasebenzayo bakhathazeka ngokuphelelwa umsebenzi. Ucabanga ukuthi lesi iseluleko esihle esingasisiza ukuba sibhekane nesimo? [Funda uMathewu 6:34 bese ulindela impendulo.] Lo magazini unikeza amasu asebenzayo ngendlela esingasebenzisa ngayo imali yethu nesingalawula ngayo imizwelo yethu.”