Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 28, 2010. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza okuyimizuzu engu-20 okusekelwe ekwazisweni kwezabelo zesonto lango-May 3 kuya ku-June 28, 2010.
1. Yini esingayifunda ekulileleni kukaDavide u-Abhineri? (2 Sam. 3:31-34) [w05 5/15 k. 17 isig. 6; w06 7/15 k. 21 izig. 9-10]
2. Iliphi iphutha elenziwa uNathani, futhi kungani uJehova engazange amlahle njengomprofethi? (2 Sam. 7:3) [rs k. 27 isig. 1]
3. Yagcwaliseka kanjani eyesi-2 Samuweli 7:14? [it-1-E k. 273 isig. 3; it-2-E k. 818 isig. 2]
4. Kungani okwenziwa uDavide kuMefibhosheti kwakuwukubonisa umusa wothando, futhi lokhu kufanele kusithinte kanjani? (2 Sam. 9:7) [w02 5/15 k. 19 isig. 5]
5. Yini esingayifunda ebuhlotsheni obabuphakathi kuka-Ithayi umGiti neNkosi uDavide? (2 Sam. 15:19-22) [w09 5/15 kk. 27-28]
6. NgokwemiBhalo, singabona kanjani ukuthi uZiba wayeqamba amanga ngamacala awabeka uMefibhosheti? (2 Sam. 16:1-4) [w02 2/15 kk. 14-15 isig. 11, umbhalo waphansi]
7. Lapho uDavide ecela uBharizilayi owayeneminyaka engu-80 ubudala ukuba abe yilungu lasebukhosini, kungani uBharizilayi atusa ukuba kube uKimihamu? (2 Sam. 19:33-37) [w07 6/1 k. 24 isig. 13]
8. Ukuthobeka kukaJehova kwamenza kanjani uDavide waba mkhulu? (2 Sam. 22:36) [w07 11/1 k. 5 isig. 1; w04 11/1 k. 29]
9. Kungani u-Adoniya azama ukuthatha ubukhosi uDavide esaphila? (1 AmaKh. 1:5) [w05 7/1 k. 28 isig. 5]
10. Kungani uJehova awuphendula umthandazo kaSolomoni lapho ecela ukuhlakanipha nokuqonda? (1 AmaKh. 3:9) [w05 7/1 k. 30 isig. 2]