Bafundani Abanye Kuwe Uma Bekubheka?
1. Yini abafundi bakaJesu abayifunda ngokumbheka?
1 UJesu wathi: “Ngenani ngaphansi kwejoka lami nifunde kimi.” (Math. 11:29, umbhalo waphansi we-NW.) Kusobala ukuthi wafundisa abanye ngokubabekela isibonelo esihle, hhayi nje ngamazwi kuphela. Cabanga ngalokho abafundi abakufunda ngokubheka uJesu. Wayemnene, enomusa futhi enothando. (Math. 8:1-3; Marku 6:30-34) Wayethobeke ngempela. (Joh. 13:2-5) Njengoba babehamba noJesu enkonzweni, abafundi babona ukuthi wayeyisisebenzi esingakhathali, esasiphumelela ekufundiseni abanye iqiniso. (Luka 8:1; 21:37, 38) Abanye bathinteka kanjani uma besibheka enkonzweni?
2. Indlela enhle esiziphatha ngayo ensimini ingawushiya kanjani umbono omuhle kubaninikhaya?
2 Abaninikhaya: Izingubo zethu ezinesizotha, inhlonipho efanele kanye nesithakazelo esiqotho kubantu, kungaba nomthelela onamandla kubaninikhaya. (2 Kor. 6:3; Fil. 1:27) Bayaphawula ukuthi silisebenzisa njalo iBhayibheli. Abanye kubahlaba umxhwele ukulalela kwethu ngenhlonipho lapho bekhuluma. Singayibukeli phansi indlela isibonelo sethu esihle esingadonsela ngayo abantu esigijimini soMbuso.
3. Yimuphi umthelela omuhle esingaba nawo kubafowethu?
3 Abafowethu: Cabanga futhi ngomthelela omuhle esingaba nawo kubafowethu. Intshiseko yethu ngenkonzo iyathelelana. Njengoba insimbi ilola insimbi, izintshumayelo zethu ezilungiselelwe kahle zenza ukuba abanye bathuthukise ikhono labo lokushumayela. (IzAga 27:17) Ukukhuthalela kwethu ukugcina umbhalo onembile walabo abanesithakazelo nokubuyela kubo ngokushesha kushukumisa abanye ukuba benze okufanayo. Siyoba ithonya elakhayo kwabanye ngokuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu.—2 Thim. 4:5.
4. Kungani kufaneleka ukuba sihlale sihlaziya isibonelo sethu?
4 Kungani ngezikhathi ezithile ungahlaziyi lokho okwenzayo nokushoyo, nokuthi isibonelo sakho sibathinta kanjani abanye? Isibonelo sethu esihle siyomjabulisa uJehova futhi sisenze sikwazi ukusho amazwi omphostoli uPawulu uma ethi: “Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.”—1 Kor. 11:1.