IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kuyafaneleka ukuba oFakazi BakaJehova banikeze abanye izinkulumo eziqoshiwe noma ezibhaliwe?
Izinkulumo zeBhayibheli ziyasiqinisa futhi zisikhuthaze. (IzE. 15:32) Ngakho-ke, kungokwemvelo ukufuna ukuhlanganyela leyo ndaba ekhuthazayo nalabo abebengekho. Ngenxa yemishini yokuqopha ehlukahlukene etholakalayo, inkulumo ingaqoshwa futhi ithunyelelwe abanye ngokushesha nje. Abanye baye bazenzela amaqoqo ezinkulumo eziqoshiwe, kuhlanganise nezinkulumo ezanikezwa esikhathini eside esidlule, futhi ngesisusa esihle lezi zinkulumo baye bazitsheleka abangane babo noma babenzela amakhophi azo. Abanye baye bazivulela izingosi kuyi-Internet base befaka izinkulumo ukuze noma ubani azitholele zona lapho.
Uma siqopha izinkulumo ukuze sizisebenzise noma siziqophela amalungu omkhaya, lokho kuyaqondakala. Ngaphezu kwalokho, abadala bangase bahlele ukuba izinkulumo ziqoshelwe amalungu ebandla angaphilile angakwazi ukuba khona emihlanganweni. Kodwa, kunesizathu esihle sokuba singabanikezi abanye amakhophi ezinkulumo eziqoshiwe noma ezibhaliwe.
Ngenxa yokuthi ngokuvamile izinkulumo zinikezwa kucatshangwa ngezidingo zebandla, kalula nje singase sithole ukwaziswa okungaphelele ngalezi zinkulumo eziqoshwe abanye, njengoba singase singazazi izimo ezazihilelekile lapho kunikezwa inkulumo. Ngaphezu kwalokho, kungaba nzima kithina ukwazi ukuthi ubani owanikeza le nkulumo futhi nini, ukuze sibe nesiqiniseko sokuthi indaba eyanikezwa injalo futhi inembile. (Luka 1:1-4) Okunye, ukudlulisa izinkulumo eziqoshiwe noma ezibhaliwe kungase kuthonyele abanye ekwamukeleni ukuqashelwa nodumo olungabafanele.—1 Kor. 3:5-7.
Inceku ethembekile neqondayo isebenza kanzima ilungiselela ukudla okungokomoya ‘ngesilinganiso’ esifanele ‘nangesikhathi esifanele.’ (Luka 12:42) Lokhu kuhlanganisa ilungiselelo lokunikeza izinkulumo emabandleni endawo oFakazi BakaJehova kanye nezinye izinto eziqoshiwe ezingatholakala engosini engokomthetho ethi www.jw.org. Sinethemba lokuthi inceku ethembekile kanye neNdikimba yayo Ebusayo iyolungiselela lokho esikudingayo ukuze siqiniswe okholweni.—IzE. 16:4, 5.