ISimiso Sesonto Lika-December 14
ISONTO ELIQALA NGO-DECEMBER 14
INgoma 41
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 6-8
No. 1: Joshuwa 8:1-17
No. 2: Amanzi Abhubhisa Izwe—Ingabe Asazolibhubhisa Futhi? (lr isahl. 46)
No. 3: Kungani UmShumayeli 7:21, 22 Eyiseluleko Esisebenzayo?
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma161
5 imiz: Izaziso.
15 imiz: Kungani Ngesaba Ukukhuluma Ngokholo Lwami? Inkulumo esekelwe kuyi-Phaphama! ka-July 2009 amakhasi 24-27. Makube nomboniso obonisa abazali besebenzisa ubusuku boKukhulekela Komkhaya ukuze bafundise izingane zabo indlela yokuphendula imibuzo esikoleni. Bayacwaninga bese bexoxa ngomunye wemibuzo esekhasini 25, babe sebekwenza ngokoqobo ingane iphendula umbuzo.
15 imiz: “Shumayela Unomuzwa Wokuphuthuma!” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Esigabeni sesine, xoxa nommemezeli woMbuso oshisekayo enkonzweni umbuze imibuzo elandelayo: Yiziphi izinyathelo ozithathile ukuze ugweme ukucindezelwa yizinto ezingenamsebenzi zaleli zwe? Uzuze kanjani ngokushumayela unomuzwa wokuphuthuma?
INgoma 92