ISimiso Sesonto Lika-October 26
ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 26
INgoma 200
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
lv-ZU isithasiselo ek. 219-221
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 11-13
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 67
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda Ne-Phaphama! Inkulumo. Bukeza okuqukethwe omagazini bese uqokomisa izihloko ezingase zikhange ensimini yebandla. Makube nomboniso owodwa womzali osiza ingane ukulungiselela inkonzo. Umzali nengane bakhetha isihloko, bacabange ngombuzo abangase bawubuze bese bekhetha umBhalo abazowusebenzisa. Ingane ibe isisho intshumayelo yayo futhi ikhulumele nelungiselelo lomnikelo.
10 imiz: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ingxoxo nezilaleli. Cela izilaleli zisho izahluko ezisencwadini ezizithola ziphumelela kakhulu ensimini yebandla. Uma zethula incwadi, yimuphi umbuzo, umfanekiso noma umBhalo eziye zawusebenzisa? Makube nomboniso wentshumayelo eyodwa.
10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Ingxoxo nezilaleli. Fundani futhi nixoxe ngemiBhalo esebhokisini.
INgoma 70