Ukufakaza Ngocingo Kungaphumelela
1. Kungani kungase kubhekwe njengengxenye ebalulekile yenkonzo yethu ukufakaza ngocingo?
1 Kungani singase sicabangele ukusebenzisa ucingo lapho sifakaza enkonzweni yethu? Ngenxa yokuthi kungenye yezindlela zokusiza abanye bathole ulwazi olunembile lwensindiso. (2 Pet. 3:9) Nakuba indlela ewumgogodla yokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kuwukushumayela endlini ngendlu, sizisebenzisa ngokukhululekile ezinye izindlela zokufinyelela labo abangase bangatholakali emakhaya.—Math. 24:14; Luka 10:1-7; IsAm. 14:6.
2. Kuhlelwa kanjani ukufakaza ngocingo?
2 Indlela Okuhlelwe Ngayo: Njengamalungiselelo enkonzo yasensimini endlu ngendlu, ikhona nensimu yokufakaza ngocingo enganikezwa abamemezeli. Ungakwenza wedwa noma njengeqembu labantu ababili noma abathathu. Indawo esetshenziswayo kufanele ivumelane nomsebenzi osuke wenziwa. Abaningi bakuthola kuzuzisa ukuhlala etafuleni bese bebeka phambi kwabo izinto abavame ukuzisebenzisa lapho beshumayela endlini ngendlu.
3. Yini okufanele siyikhumbule lapho sifakaza ngocingo?
3 Indlela Yokufakaza Ngocingo: Lapho sifakaza ngocingo, isethulo sethu kufanele sibe sangxoxo. Abanye abasaqala bangase bafundele umninikhaya isethulo kodwa ngendlela esangxoxo. Izethulo ezitholakala encwadini ethi Ukubonisana, INkonzo Yethu YoMbuso nasepheshaneni elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? zingaba usizo kule ndaba. Lapho uzenzela esakho isingeniso, yazi ukuthi ufuna ukukhuluma ngani, wakhe umbuzo, futhi ukulungela ukufunda imiBhalo enikeza impendulo. Ngokuvamile ungahambisa izincwadi ezifanayo nalezo ezihanjiswa endlini ngendlu. Cabanga ngezikhumbuzo ezilandelayo: Khululeka futhi ungasheshi lapho ukhuluma. Hlonipha, ube nesineke futhi ube nobungane, ngoba lokhu kungazwakala kulowo okhuluma naye. Mlalele umninikhaya lapho eveza umbono wakhe, bese umbonga futhi ubonise ukwazisa ngovo lwakhe. Qaphela ukuba ungakhulumi ngelungiselelo lomnikelo, ngoba lokhu angase akuqonde kabi njengokungathi sicela imali ngocingo.
4. Yini ukufakaza ngocingo okungasisiza ukuba sikwazi ukuyenza ngensimu yethu esiyabelwe?
4 Umuntu okhuluma ocingweni kungenzeka ukuthi uhlala esendlini ngenxa yokukhubazeka, ukugula noma isimiso sakhe somsebenzi senza kube nzima ukumthola phakathi nenkonzo yendlu ngendlu. Kunabanye abahlala ezindaweni ezibiyelwe noma ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo. Ngakho-ke, emizamweni yokufeza inkonzo yethu ngokugcwele nangokuphelele, cabangela ukusebenzisa indlela esebenzayo yokufakaza ngocingo.