ISimiso Sesonto Lika-September 21
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 21
INgoma 69
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
lv-ZU isahl. 10 ¶9-15, ibhokisi ek. 114
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 30-32
No. 1: Numeri 32:1-15
No. 2: Kuyokwenzekani Uma Sifa? (lr-ZU isahl. 34)
No. 3: Ingabe Ukuphila Kwasezulwini Kuyithemba Lawo Wonke AmaKristu? (rs-ZU k. 198 ¶2–k. 199 ¶1)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 141
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda Ne-Phaphama! ekhethekile ka-October. Bukeza kafushane okuqukethwe omagazini. Buza izilaleli ukuthi iziphi izihloko ezikuyi-Phaphama! ekhethekile ezingakhanga abantu ensimini yenu. Xoxa nephayona elinokuhlangenwe nakho ekwenzeni izingeniso eziphumelelayo bese ulicela ukuba libonise ukuthi likwenza kanjani lokhu nge-Phaphama! ekhethekile.
10 imiz: Uma Umuntu Ethi, ‘Anginasithakazelo.’ Ingxoxo nezilaleli esekelwe ekhasini 16 lencwadi Ukubonisana. Hlela ukuba ummemezeli othile enze umboniso owodwa noma emibili ngezingeniso ezikule ncwadi.
10 imiz: “Yiba Nekhono Lokusebenzisa IBhayibheli.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
INgoma 107