ISimiso Sesonto Lika-June 22
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 22
INgoma 177
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
lv-ZU isahl. 6 ¶10-15, nebhokisi elisekhasini 67
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 10–13
No. 1: Levitikusi 11:29-45
No. 2: Isizathu Sokuba Abantu Bagule (lr-ZU isahl. 23)
No. 3: Izibusiso Ezitholwa Abafundi Ababhapathiziwe
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 7
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Siza Izilaleli Zakho Zisebenzise Ukuqonda. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, ikhasi 57, isigaba 3, kuya ekhasini 58, isigaba 3.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda Ka-July 1 Ne-Phaphama ! Ka-July. Ngemva kokubukeza omagazini kafushane, buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko ezihlela ukuzisebenzisa futhi kungani. Yimiphi imibuzo nemiBhalo ezizoyisebenzisa ukuze zethule izihloko? Makube nomboniso wendlela umagazini ngamunye ongethulwa ngayo.
10 imiz: Ukunqoba Ovimba Ingxoxo Ngenkolo. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini Ukubonisana, ikhasi 108 kuya ekhasini 110. Makube nomboniso owodwa noma emibili walokho okusikiselwe.
INgoma 27