ISimiso Sesonto Lika-April 20
ISONTO ELIQALA NGO-APRIL 20
INgoma 8
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 15-18
No. 1: Eksodusi 15:1-19
No. 2: Yini Ehilelekile Ekugwemeni Ukukhulekela Kwamanga?
No. 3: Isifundo Sokuba Nomusa (lr-ZU isahl. 15)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 49
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda Ka-May 1 Ne-Phaphama! Ka-May. Buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko ezingathakazelisa kakhulu ensimini yebandla futhi ngani. Makube nomboniso wendlela ongahanjiswa ngayo umagazini ngamunye ensimini yebandla. Komunye wale miboniso, bonisa indlela isifundo esingase siqalwe ngayo lapho kwenziwa impindelo.—Bheka i-km-ZU 8/07 k. 3.
20 imiz: “Fundisa Labo Abanenkinga Yokufunda Kahle.” Lapho nicabangela isigaba 3, makube nomboniso omfushane wephayona elisisebenzisa ngokuphumelelayo isithombe esisencwadini efundwayo.
INgoma 170