Fundisa Labo Abanenkinga Yokufunda Kahle
1. Iyiphi inselele esingase sibhekane nayo enkonzweni?
1 Uma sihlanganyela enkonzweni, ngezinye izikhathi sibhekana nenselele yokubafundisa iqiniso abantu abanenkinga yokufunda kahle. Yini esingayenza?
2. Singayibonisa kanjani inhlonipho kulabo abangakwazi ukufunda kahle, futhi ngani?
2 Bahloniphe: KuJehova, isimo senhliziyo yomuntu yiso esibalulekile hhayi imfundo yakhe yezwe. (1 Sam. 16:7; IzAga 21:2) Ngakho-ke, asibabukeli phansi labo abanenkinga yokufunda kahle. Abanjalo cishe bayolwamukela usizo lwethu uma sibahlonipha futhi sinesineke. (1 Pet. 3:15) Lokho kungase kuhilele ukungamphoqi umuntu ukuba afunde umbhalo noma isigaba. Njengoba umuntu ethuthuka ekufundeni amaqiniso eBhayibheli ayigugu, angase afise ukuthuthukisa ikhono lakhe lokufunda ukuze athole injabulo yokufunda iZwi likaNkulunkulu “ngezwi eliphansi imini nobusuku.”—IHu. 1:2, 3.
3. Yiziphi izindlela zokufundisa ezingasetshenziswa ekufundiseni abanenkinga yokufunda kahle?
3 Izindlela Zokufundisa Lapho Siqhuba Izifundo ZeBhayibheli: Izithombe ziyindlela enhle yokufundisa futhi zenza umuntu akhumbule. Ungase ucele umfundi ukuba aphawule ngesithombe esisencwadini eniyifundayo. Yibe usumbuza imibuzo eqondile ukuze umsize aqonde lokho okufundiswa yisithombe. Sebenzisa imiBhalo eveza amaphuzu athile ngaleso sithombe. Izithombe zingase zisetshenziswe nasekubukezeni isifundo. Ungahlanganisi indaba eningi kakhulu ngesikhathi esisodwa. Gcizelela isihloko namaphuzu esifundo ayinhloko, futhi ugweme ukunezela ukwaziswa okungaphandle. Funda imiBhalo ngokuqondile eBhayibhelini, futhi usebenzise imibuzo ukuze uqiniseke ukuthi umfundi uyakuqonda lokho enikufundayo. Lokhu kungase kwandise isifiso sakhe sokuthuthukisa ikhono lokufunda ukuze akwazi ukuzifunela amaqiniso eBhayibheli engeziwe.
4. Singamsiza kanjani umuntu esimfundelayo ukuba athuthukise ikhono lakhe lokufunda?
4 Usizo Lokuthuthukisa Ikhono Lokufunda: Abantu abanenkinga yokufunda kahle noma abangalitholanga ithuba lokufunda ukuzifundela ngokushelelayo bangase bayiqonde futhi bayikhumbule kahle indaba. Ungase ubakhuthaze ukuba balalele izincwadi zethu eziqoshiwe. Ukulalelisisa ofundayo bese ehambisana naye encwadini, ngisho nokuphinda lokho akushoyo ngezwi eliphansi, kuyomsiza umuntu ukuba athuthukise ikhono lakhe lokufunda. Angase ayithole iwusizo nencwajana ethi Apply Yourself to Reading and Writing. Kwezinye izindawo, abadala bangase bahlele namakilasi okufunda ebandleni. Lokhu kusikisela okuwusizo kungasilekelela ekusizeni abantu abanenkinga yokufunda ukuba baqonde “imibhalo engcwele,” ekwazi ukubahlakaniphisela insindiso.—2 Thim. 3:15.