Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda March 1
“Kungaba inselele ngempela ukwenza okufanele uma abantu besicindezela ukuba senze okuhlukile. Ucabanga ukuthi yini engasisiza ukuba sigweme ukuyekelela? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 29:25.] Lesi sihloko esiwusizo sibala izizathu ezinhlanu zokwesaba ukudumaza uNkulunkulu kunabantu.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 12.
Phaphama! March
“Sonke siyakwazisa ukuba nabangane abahle. Iziphi izimfanelo ozithandayo kumngane? [Lindela impendulo.] Phawula le ncazelo eseBhayibhelini. [Funda izAga 17:17.] Lesi sihloko siqukethe ukusikisela kokuthi singabakhetha kanjani abangane abahle nokuthi singaba kanjani abangane abahle kwabanye.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 18.
INqabayokulinda April 1
“Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngala mazwi kaJesu. [Funda uJohane 3:3.] Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuphinde uzalwe? [Lindela impendulo.] Ukuwaqonda ngokunembile amazwi kaJesu kuyothinta ukuphila kwethu nalokho esikulindele esikhathini esizayo. Lo magazini uchaza isizathu salokho.”
Phaphama! April
“Kubonakala sengathi izingane eziningi zesikole zingaphansi kokucindezeleka. Ingabe ucabanga ukuthi izinto sezashintsha kusukela esikhathini sabazali bazo? [Lindela impendulo.] Ukucindezeleka okungafanele kungaba nemiphumela emibi. [Funda umShumayeli 7:7a.] Lo magazini uchaza indlela abazali abangazisiza ngayo izingane ukuba zibhekane nesimo.”