ISimiso Sesonto Lika-February 16
ISONTO ELIQALA NGO-FEBRUARY 16
INgoma 98
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 29-31
No. 1: Genesise 29:1-20
No. 2: Izizathu ‘Zokuyeka Ukukhathazeka’ (Math. 6:25)
No. 3: Ukulalela Kuvikela Wena (lr-ZU isahl. 7)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 172
5 imiz: Izaziso.
15 imiz: ‘Yenza Zonke Izinto Ngenxa Yezindaba Ezinhle.’ Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
15 imiz: Ungakwazi Yini Ukuba Iphayona Elisizayo Kule Nkathi YeSikhumbuzo? Inkulumo enikezwa ngomdlandla umbonisi wenkonzo. Bukeza izimfanelo zamaphayona asizayo. Qokomisa injabulo nezibusiso zokuba iphayona elisizayo. Chaza amalungiselelo ebandla emihlangano eyengeziwe yenkonzo yasensimini ngo-March, April nango-May. Xoxa nabamemezeli ababili noma abathathu ababa amaphayona asizayo nyakenye. Yiziphi izinguquko abazenza esimisweni sabo ukuze bakwazi ukujabulela leli lungelo lenkonzo? Bathola ziphi izibusiso? Khuthaza umkhaya ngamunye ukuba ucabangele indlela ilungu lomkhaya elilodwa noma ngaphezulu angakwazi ngayo ukuba amaphayona asizayo phakathi nenkathi ezayo yesikhumbuzo.
INgoma 151