Umkhankaso Okhethekile Wokumemezela ISikhumbuzo!
1. Yini abamemezeli boMbuso abazobe beyenza emhlabeni kabanzi kusukela ngo-March 21, 2009, futhi ngani?
1 NgoLwesine, ngo-April 9, 2009, abakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu emhlabeni wonke bayobuthana bakhumbule isenzo sakhe esikhulu kunazo zonke sokuthanda isintu. (Roma 5:6-8) Sibheke phambili ngokulangazela okukhulu ekuboneni izigidi zabathakazelayo eziyohlanganyela nathi lapho sikhumbula ukufa kukaJesu. Kuzosakazwa isimemo seSikhumbuzo esikhethekile emhlabeni kabanzi kusukela ngo-March 21.
2. Imaphi amaphuzu okufanele uwakhumbule lapho uhambisa isimemo?
2 Amaphuzu Okufanele Uwakhumbule: Zisebenzise ngokugcwele izithombe, imibuzo nemiBhalo ekhonjiwe esesimemweni. Ngokwesibonelo, ungase ubhekisele esithombeni esingaphandle bese uthi: “Bengifuna ukukumema ukuba uzokhumbula ukufa kukaJesu kanye nathi ngoLwesine, April 9, 2009.” Yibe usubhekisela esihlokweni sesimemo nasemibuzweni engaphansi kwaso. Qiniseka ukuthi uyagcizelela kumninikhaya ukuthi angeza nomkhaya wakhe nanoma obani afisa ukubamema.
3. Ungabalandelela kanjani obamemé lapho kuqala umkhankaso?
3 Uma ibandla lakini linensimu enkulu, abadala bangase baninike isiqondiso sokuba nizishiye nasemizini engenamuntu izimemo. Ngezimpelasonto, hambisani omagazini kanye nesimemo. Kwenze umgomo ukumema izimpindelo zakho, ofunda nabo iBhayibheli, izihlobo, ofunda nabo esikoleni, osebenza nabo, omakhelwane nabanye obajwayele. Ngonyaka odlule, udade othile wamema izihlobo zakhe ezingu-30 wabe esezikhumbuza ngokubaluleka kwalesi senzakalo ngezikhathi ezithile. Yeka indlela ajabula ngayo lapho kufika ezingu-25, futhi ezine kuzo zavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli kamuva!
4. Ikuphi ukuhlela okufanele sikwenze manje, futhi ngani?
4 Hlela Manje: Abamemezeli abaningi bangase bakwazi ukwandisa umsebenzi wabo ngo-March nango-April. Uma unezingane noma abantu obafundela iBhayibheli abathuthuka kahle, leli kungase kube ithuba elihle lokuba babe abamemezeli abangabhapathiziwe. Manje isikhathi sokuqala ukwenza amalungiselelo okuhlanganyela ngokugcwele kulo mkhankaso omemezela ukukhunjulwa kwezibonakaliso zothando ezimbili ezinkulu kunazo zonke.—Joh. 3:16; 15:13.