“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
1. Incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu” yashicilelwa ngayiphi injongo?
1 Yeka indlela esibheke phambili ngayo ekufundeni incwadi entsha ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu” eSifundweni SeBhayibheli Sebandla kusukela ngesonto lika-February 23! Incwadi iNdikimba Ebusayo eyibhalele umuntu ngamunye othanda uJehova iphetha ngala mazwi: “Sithemba ukuthi le ncwadi izokusiza ukuba uqhubeke uphila ngeqiniso futhi ngokwenza kanjalo uzigcine ‘othandweni lukaNkulunkulu . . . unombono wokuphila okuphakade.’—Jude 21.”
2. Le ncwadi entsha izosisiza kuziphi izici zokuphila?
2 Esingakulindela: Izimiso zeBhayibheli zisebenza kanjani ezindabeni ezinjengobungane, ukuzijabulisa, ukuhlonipha igunya, imikhuba yethu, umshado, indlela esikhuluma ngayo namasiko? Onembeza bethu bazololongwa ngokuvumelana nezindinganiso eziphakeme zokulunga ezembulwe eZwini likaNkulunkulu. (IHu. 19:7, 8) Njengoba siya siyiqonda indlela uJehova acabanga ngayo, isifiso sokumthokozisa siyosishukumisa kuzo zonke izici zokuphila kwethu.—IzAga 27:11; 1 Joh. 5:3.
3. Kungani kufanele senze okusemandleni ukuze sihlanganyele esifundweni sesonto ngalinye?
3 Zimisele Ukuba Nengxenye: Lapho ulungiselela, zibekele umgomo wokudumisa uNkulunkulu phakathi kwabantu bakhe ababuthene. (Heb. 13:15) Lonke ibandla liyoyifunda ndawonye le ncwadi entsha. Indaba emfushane eyabiwe iyosinika ithuba lokulungiselela kahle, okuyosenza sibe nesibindi sokuhlanganyela nabanye lokho esikufundile. Izimpendulo zethu ezilungiselelwe kahle nezishaya emhloleni ziyoshukumisela abanye othandweni nasemisebenzini emihle futhi ziyosenza sibe nengxoxo enhle futhi efundisayo. (Heb. 10:24) Injabulo yethu nayo iyokwenziwa iphelele njengoba ngabanye siveza ukholo lwethu ngezimpendulo.
4. Kungani kubalulekile ukuba sigcine imiyalo kaJehova?
4 Ngobusuku bokugcina ephila emhlabeni njengomuntu, uJesu wahlobanisa ukulalela imiyalo kaJehova nokuhlala sisothandweni lukaNkulunkulu. (Joh. 15:10) Ngosizo lwencwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu,” siyozimisela kakhulu kunanini ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwansuku zonke futhi ‘sizigcine othandweni lukaNkulunkulu.’—Jude 21.