ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-December 8
INgoma 19
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza kafushane izintshumayelo eziyisibonelo zokuhambisa INqabayokulinda ka-December 1 ne-Phaphama! ka-December ezisekhasini 8. Cela izilaleli eziye zaphumelela ukuhambisa lab’ omagazini ukuba zisho ukuthi zibahambise kanjani. Iziphi izihloko, imibuzo nemiBhalo eziyisebenzisile?
15 imiz: ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2009. Inkulumo ngombonisi wesikole. Xoxa ngamaphuzu okudingeka agcizelelwe ebandleni asesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2008. Bukeza indima kameluleki ongumsizi. Bakhuthaze bonke ukuba bakhuthalele ukufeza izabelo zabo, bahlanganyele ngezimpendulo emaphuzwini avelele eBhayibheli, futhi basebenzise ukusikisela okunikezwa masonto onke okuthathwe kwethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.
20 imiz: “Ingabe Uyayisebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana?”a Lapho uxoxa ngesigaba 4, cela iphayona noma omunye ummemezeli ofanelekayo ukuba enze umboniso omfushane wendlela yokusebenzisa incwadi ethi Ukubonisana lapho ephendula umbuzo othi, ‘Kungani OFakazi BakaJehova Bengawugubhi UKhisimusi?’ enkonzweni yendlu ngendlu.
INgoma 6
Isonto Eliqala Ngo-December 15
INgoma 178
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
10 imiz: Ukuphindaphinda Enkonzweni. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, ikhasi 207. Makube nomboniso owodwa noma emibili emfushane ngale ndaba.
25 imiz: “‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele’—Ezakhiweni Okungangeneki Kalula Kuzo.”b Kufanele isingathwe ngumbonisi wenkonzo noma omunye umdala. Yenze ifanelane nensimu yebandla.
INgoma 157
Isonto Eliqala Ngo-December 22
INgoma 75
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Yisho isipho sika-January, bese kuba nomdala owenza umboniso wokuthi singahanjiswa kanjani.
15 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda Ka-January 1 Ne-Phaphama! Ka-January. Xoxa nezilaleli. Ngemva kokubakhulumela kafushane lab’ omagazini, buza izilaleli ukuthi iziphi izihloko ezingase zikhange abantu ensimini futhi ngani. Usebenzisa ezinye zalezi zihloko, cela izilaleli zisho ukuthi imuphi umbuzo ezingawusebenzisa ekuqaleni ingxoxo, bese kuba umbhalo osesihlokweni ezingawufunda ngaphambi kokuhambisa lab’ omagazini. Phetha ngomboniso wendlela umagazini ngamunye ongahanjiswa ngayo kusetshenziswa izintshumayelo ezisekhasini 8 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu.
20 imiz: “Usuku Olukhethekile Lokucela Izifundo ZeBhayibheli.”c Memezela ukuthi iyiphi impelasonto ku-January ibandla eliyogxila ngayo ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Bukeza amacebiso asesigabeni 3 bese kuba nomboniso owodwa noma emibili yokuqala isifundo.
INgoma 133
Isonto Eliqala Ngo-December 29
INgoma 60
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 15-22
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 153
5 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
10 imiz: Lingisa Isimo Sengqondo SikaJesu Ngenkonzo. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kwethi ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami,’ amakhasi 84-86, izigaba 16-21.
20 imiz: “Ukushumayela Kudinga Ukukhuthazela.”d Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
INgoma 155
Isonto Eliqala Ngo-January 5
INgoma 35
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 1-5
No. 1: Genesise 3:1-15
No. 2: Okwenza UJesu Waba UMfundisi Omkhulu (lr-ZU isahl. 1)
No. 3: Yini Engelona Ize? (1 Kor. 15:58)
UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 98
5 imiz: Izaziso zebandla.
30 min: Izidingo zebandla.
INgoma 114
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.