Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/08 k. 1
  • Ukushumayela Kudinga Ukukhuthazela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Kudinga Ukukhuthazela
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlala Useduze Nenhlangano KaJehova
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Ukukhuthazela—Kubalulekile KumaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • “Vumelani Ukukhuthazela Kuphelelise Umsebenzi Wako”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • “Cabangisisani Ngalowo Okhuthazele”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 12/08 k. 1

Ukushumayela Kudinga Ukukhuthazela

1 Umphostoli uPawulu wajabulela umsebenzi ojabulisayo wokuba umvangeli iminyaka engaphezu kuka-30. Njenganoma imuphi umsebenzi omuhle, umsebenzi wakhe wokushumayela wawunezinselele. (2 Kor. 11:23-29) Kodwa, uPawulu akazange ayeke. (2 Kor. 4:1) Wayazi ukuthi amandla okukhuthazela lapho efeza inkonzo yakhe ayevela kuJehova. (Fil. 4:13) Ngenxa yesibonelo sakhe sokukhuthazela ngokwethembeka, uPawulu wakwazi ukusho la mazwi: “Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.”—1 Kor. 11:1.

2 Ukukhuthazelela Uvivinyo Namuhla: Nsuku zonke, iningi labazalwane bethu lihlekwa usulu, liyaphikiswa, noma linganakwa amalungu omkhaya, elisebenza nabo noma elifunda nabo esikoleni. (Math. 10:35; Joh. 15:20) Mhlawumbe nawe ubhekene nesimo esifanayo. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka ulwa nenkinga yempilo, noma kungenzeka kudingeka ulwe kanzima usuku ngalunye ukuze uvimbe iziphazamiso nezilingo ezivivinya ukholo nokukhuthazela kwakho. Singawathola amandla ngokucabangela izibonelo zezinceku ezithembekile zesikhathi esidlule nezamaKristu esiphila nawo namuhla aye abhekana nezinselele futhi azinqoba.—1 Pet. 5:9.

3 Singathola amandla ngokuhlala siqinile enkonzweni yethu ngokuqikelela ukuthi ‘sigqoka zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu.’ (Efe. 6:10-13, 15) Kubalulekile nokuthandaza sicele ukukhuthazela. UNkulunkulu usinika umoya wakhe ongcwele ukuze sikhuthazelele uvivinyo. (2 Kor. 6:4-7) Ukuze siphumelele empini yethu engokomoya, kufanele silalele izikhumbuzo zikaNkulunkulu zokuvuselela umoya wethu. (IHu. 119:24, 85-88) Njengoba nje umntwana engayifunda kaningi incwadi ayibhalelwe ubaba onothando, ukufunda kwethu iBhayibheli nsuku zonke kuqinisa ubuhlobo bethu noJehova. Sithola ukuhlakanipha okusisiza ekubhekaneni nezinselele ngesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke, ngaleyo ndlela sivumele ukuba ukucabanga kukaNkulunkulu kuthonye izinqumo zethu futhi kuqinise nokwethembeka kwethu.—IzAga 2:10, 11.

4 Ukukhuthazela Kuletha Izibusiso: Njengoba kwaba njalo ngoPawulu, ukukhuthazela kwethu ngokwethembeka lapho sifeza inkonzo yethu kwenza inhliziyo kaJehova ijabule futhi kulethele thina nabanye izibusiso. (IzAga 27:11) Kwangathi singazimisela ukukhuthazela enkonzweni, ngaleyo ndlela sibonise ukuthi ukholo lwethu luqinile futhi ‘lungolwenani elikhulu kakhulu kunegolide elishabalalayo naphezu kokuvivinywa kwalo ngomlilo.’—1 Pet. 1:6, 7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela