Ukubukezwa KweSikole Senkonzo
Esingokwasezulwini Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-December 29, 2008. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-November 3 kuya ku-December 29, 2008.
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Kungani kuphumelela ukukhuthaza “ngesisekelo sothando”? (Filem. 9) [be-ZU k. 266 izig. 2-4]
2. Singabakhuthaza kanjani abanye? [be-ZU k. 268 isig. 4–k. 269 isig. 2]
ISABELO NO. 1
3. Kungayiphi indlela incwadi kaPawulu eya kuThithu ‘iyinhle futhi iyinzuzo’ kithi namuhla? (Thithu 3:8) [si-ZU k. 241 isig. 8]
4. Kungani incwadi kaPetru yokuqala yayifike ngesikhathi? [si-ZU k. 251 isig. 1]
5. Ukufanekisela okusencwadini yesAmbulo kufanele kusithinte kanjani? [si-ZU k. 263 isig. 1]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
6. Isiphi isizathu esasingenza uPawulu ahlobanise inkulumo ethi “bangabi abanyundelayo” nethi “bangabi yizigqila zewayini eliningi” etholakala kuThithu 2:3? [w94-ZU 6/15 k. 20 isig. 12]
7. Ingabe ukuba kukaSathane “nendlela yokubangela ukufa” kubonisa ukuthi angabangela ukufa kwanoma ubani afuna ukumbulala? (Heb. 2:14) [w08-ZU 10/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaThithu, KaFilemoni NeyamaHebheru”]
8. Ngokuphathelene nesivumelwano esisha ubani “umenzi wesivumelwano ongumuntu”? (Heb. 9:16) [w08-ZU 10/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila —Amaphuzu Avelele Encwadi KaThithu, KaFilemoni NeyamaHebheru”]
9. Kusho ukuthini ukuba onokuthula, futhi imiphi imibuzo esingazibuza yona ngale ndaba? (Jak. 3:17) [w08-ZU 3/15 k. 24 isig. 18]
10. Isho ukuthini inkulumo ethi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu”? (1 Joh. 3:20) [w05-ZU 8/1 k. 30 isig. 19]