‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele’—Ezakhiweni Okungangeneki Kalula Kuzo
1. Kuhilelani ‘ukunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle’?
1 Njengomphostoli uPawulu, isifiso sethu ‘siwukunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.’ (IzE. 20:24) Ngakho-ke silwela ukufinyelela abaningi ngangokunokwenzeka ensimini yethu ngesigijimi soMbuso. Lokhu kuhlanganisa neningi labantu elihlala ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo. Ngezinye izikhathi, kungase kube yinselele ukufinyelela labo abahlala ezakhiweni ezinjalo. Kodwa, njengoba kunabantu abaningi abahlala kulezi zakhiwo, kusinika amathuba amaningi okusakaza izindaba ezinhle.
2. Kungani ukuqapha nokwahlulela okuhle kubalulekile lapho sishumayela ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo?
2 Ngenxa yokwesaba ubugebengu nobudlova, izakhiwo eziningi ziyahluthulelwa futhi ziba nabaqaphi kanye namakhamera. (2 Thim. 3:1, 2) Abaphathi bazo bangase babe nomthetho wokuthi abantu abangaziwa abavunyelwe ukungena. Unsumpa noma umphathi angase asicele ukuba sihambe, ikakhulukazi uma omunye wabahlala kuleso sakhiwo efaka isikhalo ngathi. Ngakho, ukuqapha nokwahlulela okuhle kubalulekile.
3. Kunini lapho kungcono khona ukusebenza kulezi zakhiwo futhi ngani?
3 Isikhathi Sokushumayela Kulezi Zindawo: Njengakwamanye amasimu, kungcono ukushumayela kulezi zakhiwo lapho kungenzeka ukuthi abantu abahlala kuzo bakhona. Kungase kube nezinsolo uma siba kulezi zakhiwo lapho abaningi abahlala khona bengekho. Abamemezeli abaningi baye bakwazi ukuthola abantu bekhona kusihlwa, ngoMgqibelo nangeSonto ntambama. Ukusebenza kulezi zakhiwo ekuseni kakhulu, ikakhulukazi ngezimpelasonto kungase kubangele ukuba kufakwe izikhalo kubaphathi.
4, 5. Singakwazi kanjani ukungena ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo?
4 Ukungena Kulezi Zakhiwo: Abamemezeli akufanele bathintane nonsumpa nanoma imuphi umphathi walezi zakhiwo ngaphambi kokuqala inkonzo. Uma leso sakhiwo sine-intercom ngaphandle, singasebenzisa yona ukuze sithole noma ubani ovumayo ukuba singene sikhulume naye. Kuye ngokuthi lezo zakhiwo zinjani, singase sikwazi ukukhuluma nabantu kweminye iminyango ngemva kokukhuluma nalowo osivumele ukuba singene. Kodwa, kwezinye izimo, kungaba ukuhlakanipha ukuphuma kuleso sakhiwo bese sisebenzisa i-intercom ukuthintana nomunye wabantu abahlala lapho. Kufanele sisebenzise ukwahlulela okuhle ekunqumeni ukuthi bangaki abantu abahlala lapho esizoxhumana nabo ngale ndlela ngaleso sikhathi.
5 Abanye abantu abahlala kulezi zakhiwo bangase bathande ukuba ubatshele injongo yokubahambela kwakho nge-intercom. Uma kunjalo, zethule ngendlela enobungane. Sebenzisa igama lalowo muntu uma likhona ohlwini lwabantu abahlala lapho. Yisho isihloko sakho kafushane. Abanye baye baphumelela ngokufunda isingeniso sabo ngokuqondile encwadini ethi Ukubonisana.
6. Yini okufanele siyenze lapho sisebenza ezakhiweni ezinabaqaphi?
6 Uma isakhiwo sinomqaphi ongasivumeli ukuba sisebenze lapho, singazama ukufakaza kuye. Abaqaphi abaningi bayakujabulela ukufunda izincwadi zethu. Singase sikwazi ngisho nokuqala isifundo seBhayibheli nokusiqhuba kule ndawo yokungena. Uma umqaphi esivumela ukuba sivakashele othile ohlala lapho ngokukhethekile oye wabonisa isithakazelo, ngokuvamile kuba kuhle ukungangqongqozi kweminye iminyango kuleso sakhiwo.
7. Yini okufanele siyikhumbule ngokuphathelene nezikhwama zethu zasensimini?
7 Indlela Esibukeka Ngayo: Ukuphatha izikhwama ezinkulu kungasenza sisoleke. Ngakho, singase sikhethe ukuphatha izikhwama ezincane noma singaphathi lutho. Abanye abamemezeli bafaka izincwadi esikhwameni esincane bese bephatha amaBhayibheli abo ngezandla noma bawafake emakhukhwini.
8. Kufanele lihlelwe kanjani iqembu uma lifakaza emafulethini?
8 Kuwukuhlakanipha ukungabuthani nibe amaqembu amakhulu, ikakhulukazi ezindaweni zokungena nokupakwa kuzo, ngoba lokhu kungadonsa amehlo ngokungadingekile. Kudingeka ukuqapha lapho sishumayela emafulethini asezindaweni ezinezinga eliphakeme lobugebengu. (IzAga 22:3) Ngokwesibonelo, amaqembu amabili noma amathathu abamemezeli angase asebenze esitezi esifanayo, mhlawumbe ashintshane ngokungena ezindlini.
9. Singakubonisa kanjani ukucabangela, futhi kungani lokhu kubalulekile?
9 Lapho ningena esakhiweni, sulani izinyawo futhi nivale kahle umnyango. Ngokubonisa lokho kucabangela, sinciphisa izizathu zokukhononda kwabantu abahlala kuleso sakhiwo. Lapho seningenile, qondani ngqo kuyi-lift noma kuleyo ngxenye yesakhiwo ezosetshenzwa kunokuchitha isikhathi endaweni yokungena. Lokhu kuyokwenza ukuba labo abanibhekile bangabi nazinsolo.
10. Singakugwema kanjani ukubanga umsindo ngokungadingekile emaphasishi?
10 Emafulethini amaningi, umsindo uhamba ngamaphasishi. Ngakho-ke, khuluma ngendlela ezokwenza ukuba okhuluma naye akuzwe kahle. Lapho ukhuluma nabanye abamemezeli, khulumela phansi, kodwa ngokukhululekile, ngezwi elifanele ukuze ugweme ukuvusa izinsolo. Ukuze abantu bangaphazamiseki ngokungadingekile, abanye abamemezeli basebenza ekungeneni nasekugcineni kwaleso sitezi sesakhiwo baze baqede, esikhundleni sokungqongqoza kuyo yonke iminyango ngokulandelana. Ngaphezu kwalokho, ukungqongqoza kakhulu emnyango kungabethusa abangaphakathi.
11. Imaphi amacebiso angasisiza lapho singqongqoza eminyango enembobo yokulunguza?
11 Uma umnyango unembobo yokulunguza, yima ngendlela yokuthi noma ubani olunguzayo akubone wena nalowo ohamba naye. Bheka ngqo kuleyo mbobo, futhi uma uzwa ukuthi kukhona oza emnyango, bingelela ngomusa bese uqala intshumayelo yakho. Uma ebuza ukuthi ‘Ungubani?’ kungase kube ngcono ukumtshela igama lakho nelalowo ohamba naye. Umninikhaya angase azizwe ekhululekile ukuvula umnyango. Uma kungenjalo, ungaqhubeka nesigijimi sakho umé emnyango.
12. Singazigwema kanjani izinkinga lapho sishiya izincwadi emizini engenabantu?
12 Lapho Abantu Bengekho Ekhaya: Onsumpa abaningi bavame ukukhononda ngokuthi kuye kudingeke ukuba bacoshe izincwadi ephasishi. Izincwadi ezishiywa ngaphandle zingaphephuka kalula bese zingcolisa. Ngakho-ke, noma iyiphi incwadi eshiywa lapho kungenamuntu khona kufanele ifakwe endaweni esithekile.
13. Yini okufanele siyenze uma sihlangana nomninikhaya othukuthele?
13 Abaninikhaya Abathukuthele: Uma sihlangana nomninikhaya othukuthele osefuna ukubiza unsumpa, kungaba ngcono ukuhamba kuleyo ngxenye yesakhiwo niphinde nibuyele ngesinye isikhathi. Kwezinye izimo, kungaba ukuhlakanipha ukuvele nihambe kuleso sakhiwo ukuze nigweme ukuxabana nonsumpa. Ngisho noma umninikhaya engashongo ngokuqondile ukuthi ningaphinde ningene kwakhe, kungaba ngcono ukuthatha inombolo yalelo fulethi futhi nibhale ukuthi akungenwa kulo ekhadini lensimu yebandla. Njengoba kunjalo nangeminye imizi okungangenwa kuyo, lezi ndawo kufanele zihanjelwe ngemva kwesikhathi esithile ukuze kutholwe ukuthi umninikhaya uthini.
14, 15. Kufanele senzeni uma abaphathi besakhiwo bethi asihambe?
14 Uma Nicelwa Ukuba Nihambe: Uma nisasebenza kuleso sakhiwo, bese unsumpa, abaqaphi, abanakekeli besakhiwo nanoma ubani omunye ongummeleli wabantu abahlala lapho enicela ukuba nihambe, kuwukuhlakanipha ukwenzenjalo ngokushesha. Noma nini lapho kungenzeka khona, sifuna ukuzigwema izingxabano ezingabangela izinsongo zokuthathelwa izinyathelo zomthetho nokuvela phambi kwamaphoyisa. Ngokuvamile, abasebenza emafulethini ababazondi oFakazi BakaJehova bamane nje benza umsebenzi wabo.
15 Ngezinye izikhathi, lapho umphathi wesakhiwo enicela ukuba nihambe, ningase nikwazi ukumchazela isizathu sokuhambela kwenu ngomusa nangendlela engacasuli. (1 Pet. 3:15) Siyawuqaphela umthwalo wakhe wemfanelo wokugcina izakhamuzi zijabule nokugcina isakhiwo siphephile. Mhlawumbe angase anivumele ukuba nisebenze kuleso sakhiwo. Kodwa uma kungenzeki lokho, hambani ngokuthula. Uma izimo zivuma, ningase nicele imvume yokushiya izincwadi lapho kungenwa khona noma elondolo ngezikhathi ezithile. (Kol. 4:6) Umbonisi wenkonzo kufanele atshelwe ngalezi zehlakalo.
16. Yini okufanele siyenze uma izinkinga ziqhubeka lapho sizama ukushumayela emafulethini noma ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo?
16 Mhlawumbe, ngemva kwesikhathi esithile, abamemezeli bangaphinde bazame ukusebenza kuleso sakhiwo ngokuhlakanipha. Kodwa, uma izinkinga ziqhubeka, abadala kufanele bathintane nehhovisi legatsha ukuze bathole usizo kunokuba abamemezeli bazame ukuzilungisela izinto ngokwabo. Uma abamemezeli bengenakukwazi ukusebenza lawo mafulethi, kungenziwa imizamo yokuxhumana nabantu ngezinye izindlela, njengokufakaza ngocingo noma ukubhala izincwadi. Abanye abamemezeli benza inkonzo yokufakaza emgwaqweni phambi noma eduze nalezo zakhiwo ngezikhathi zasekuseni nezakusihlwa lapho abantu ngokuvamile besuke beya emsebenzini noma bebuyela ekhaya.
17. Kungani ukufakaza ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo kubalulekile?
17 Ukuphela kwalesi simiso sezinto esibi kuzofika maduze. Yilabo ababiza igama likaJehova kuphela abayosinda. “Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye? Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye?” (Roma 10:13, 14) Abaningi “abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade” bahlala kulezi zakhiwo. (IzE. 13:48) Ngokuhlakanipha nangokusebenzisa ukwahlulela okuhle, singakwazi ukubafinyelela ngezindaba ezinhle.