Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/08 kk. 2-7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 10/08 kk. 2-7

IZaziso

◼ Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Uma kunezingane, kungase kuhanjiswe incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-January: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

◼ Okumelwe kuphawulwe umbonisi owengamele nombonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini: Isimiso esisha semihlangano yebandla siqala ngesonto lika-December 29, 2008, futhi lesi simiso esishintshiwe siyofakwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-December 2008. Lapho niqhuba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ngalelo sonto, qinisekani ukuthi nilandela iziqondiso zoKubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ezisesenezelweni seSimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sika-2009. Ngeke ibe khona imfanelo yokukhuluma ngalolo suku.

◼ Njengoba u-November enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, angaba inyanga ekahle yokuba amaphayona asizayo.

◼ I-video ethi No Blood—Medicine Meets the Challenge iyocatshangelwa eMhlanganweni Wenkonzo ngo-January. Uma kudingeka, ingase i-odwe ngebandla ngokushesha ngangokunokwenzeka.

◼ U-April 18, 2009, uyoba uSuku Lukamagazini olukhethekile. Sikhuthaza bonke ukuba baqale ukuhlela manje ukuze bahlanganyele ngokugcwele ngonyaka ozayo.

◼ NgoMgqibelo, October 18, 2008, izakhiwo zegatsha ziyobe zivaliwe ukuze zihlanzwe.

◼ Izincwadi zesiShayina zinyatheliswa ngezindlela ezimbili. Abantu baseHong Kong naseTaiwan ngokuvamile bafunda umbhalo ovamile, okuthiwa isiShayina Esivamile (CH). Iningi labanye abafunda isiShayina livame ukufunda umbhalo owenziwe lula obizwa ngokuthi isiShayina Esenziwe Lula (CHS). Kubalulekile ukuthola ukuthi umfundi ufunda muphi umbhalo. Kungase kusetshenziswe incwajana ethi Good News for People of All Nations, amakhasi 13-14, ukuze kuqhathaniswe. Ensimini yethu cishe wonke amabandla acela izincwadi nomagazini ngesiShayina Esenziwe Lula (CHS). Kubalulekile ukuba izinceku zezincwadi nomagazini zibhale imininingwane enembile emafomini ezincwadi nakamagazini.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo (yp)—ngesiVenda

◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:

To the Romans (dvRo)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela