Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/08 kk. 3-6
  • Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2009

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2009
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Izihlokwana
  • IZIYALEZO
  • ISIMISO
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 10/08 kk. 3-6

Isimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2009

IZIYALEZO

Ngo-2009 iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sizoqhutshwa ngendlela elandelayo.

IZINCWADI EZIZOSETSHENZISWA: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele [bi12-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU], Funda KuMfundisi Omkhulu [lr-ZU] nethi Ukubonisana NgemiBhalo (Uhlelo luka-1992) [rs-ZU].

Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngamazwi okwamukela izilaleli bese siqhubeka ngendlela echazwe ngezansi. Ngemva kwenkulumo ngayinye, umbonisi wesikole uyokwethula inkulumo elandelayo.

AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: 10 imizuzu. Ngemizuzu yokuqala emine, umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo kufanele akhulumele amaphuzu angokomBhalo atholakala ekufundweni kweBhayibheli kwalelo sonto. Kuyokwenziwa okuhlukile lapho ukufundwa kweBhayibheli kwalelo sonto kuqala esahlukweni sokuqala sencwadi yeBhayibheli. Kulezo zimo, ukwaziswa okuzocatshangelwa ngemizuzu emine yokuqala kufanele kusekelwe encwadini ethi “Yonke ImiBhalo.” Ngokwesibonelo, ngesonto lika-January 5 kuzofundwa izahluko zokuqala ezinhlanu zikaGenesise, ngakho isikhulumi kufanele sikhethe amaphuzu ambalwa ayinhloko ezigabeni ezethula uGenesise encwadini ethi “Yonke ImiBhalo.” Kufanele sisebenzise lokhu kwaziswa ngendlela eyozuzisa ibandla. Kungakhathaliseki ukuthi sikhulumela amaphuzu okufundwa kweBhayibheli noma asencwadini ethi “Yonke ImiBhalo,” umgomo waso oyinhloko kumelwe kube ukusiza izilaleli ziqonde ukuthi indaba iwusizo ngani futhi kanjani. Isikhulumi kufanele siqaphele ukuthi aseqeli ngalé kwemizuzu emine eyabelwe ingxenye yokuqala. Kufanele siqiniseke ukuthi sishiya imizuzu eyisithupha ukuze izilaleli zinikeze izimpendulo ezimfushane zemizuzwana engu-30 noma ngaphansi ngalokho ezikuthandile ekufundweni kweBhayibheli kwamasonto onke. Umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi abanezabelo ukuba baye kwamanye amakilasi.

ISABELO NO. 1: 4 imizuzu noma ngaphansi. Lesi yisabelo sokufunda esisingathwa umzalwane. Umfundi kufanele afunde indaba ayabelwe ngaphandle kokwenza isethulo noma isiphetho. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo kakhulu ekusizeni abafundi ukuba bafunde ngokuqonda, ngendlela eshelelayo, bagcizelele umqondo ngokufanele, bashintshashintshe izwi, bahlabe ikhefu ngendlela efanele, bafunde nangendlela engokwemvelo.

ISABELO NO. 2: 5 imizuzu. Le nkulumo iyokwabelwa udade. Umfundi angase abelwe noma azikhethele ukuhlelwa kwenkulumo okusohlwini olusekhasini 82 encwadini ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kufanele asebenzise isihloko asabelwe esicini esithile senkonzo yasensimini esingokoqobo nesisebenzayo ensimini yebandla. Uma umthombo wendaba ungabonisiwe, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Umbonisi wesikole kufanele abe nesithakazelo ikakhulu endleleni umfundi athuthukisa ngayo indaba nendlela asiza ngayo umninikhaya ukuba acabange ngemiBhalo futhi aqonde amaphuzu enkulumo ayisihluthulelo. Umbonisi wesikole uyokwaba umsizi oyedwa.

ISABELO NO. 3: 5 imizuzu. Le nkulumo ingase yabelwe umzalwane noma udade. Umfundi kufanele athuthukise isihloko asabelwe. Uma umthombo wendaba ungabonisiwe, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Uma yabelwe umzalwane, kufanele inikezwe njengenkulumo, isikhulumi sicabange ngezilaleli eHholo LoMbuso. Lapho yabelwe udade, ngaso sonke isikhathi kufanele inikezwe njengoba kuboniswe eSabelweni No. 2. Sizani niphawule ukuthi izihloko ezinenkanyezi eceleni kufanele njalo zabelwe abazalwane ukuze bazinikeze njengezinkulumo, futhi noma nini lapho kungenzeka, kufanele yabelwe umdala noma inceku ekhonzayo.

ISELULEKO: Umzuzu owodwa kuya kwemibili. Umbonisi wesikole ngeke asho kusengaphambili ukuthi umfundi usebenzela kuyiphi imfanelo yokukhuluma. Ngemva kweSabelo No. 1, No. 2 no-No. 3 umbonisi wesikole uyoncoma isici esithile asiphawulile enkulumweni, asho izizathu eziqondile zokuthi kungani siphumelele futhi abhekisele kaningi encwadini ethi ISikole Senkonzo. Ngemva komhlangano, noma ngesinye isikhathi, umfundi ngamunye angase anikezwe ngasese iseluleko esakhayo esengeziwe, kuye ngokwesidingo sakhe.

ISIKHATHI: Akukho nkulumo okufanele yeqe isikhathi, ngokufanayo namazwi omeluleki. Abanikeza iNkulumo No. 1, No. 2 no-No. 3 kufanele bamiswe ngobuhlakani uma isikhathi sesiphelile. Uma abazalwane abasingatha amaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli bedla isikhathi, kufanele balulekwe ngasese. Bonke kufanele babhekisise isikhathi. Isikhathi sesimiso sesisonke: Imizuzu engu-30.

IPHEPHA LESELULEKO: Lisencwadini ethi ISikole Senkonzo.

UMELULEKI ONGUMSIZI: Indikimba yabadala ingase ikhethe umdala ofanelekayo, uma ekhona omunye ngaphandle kombonisi wesikole, ukuba asingathe isabelo sokuba umeluleki ongumsizi. Uma ibandla linabadala abaningi, khona-ke umdala ohlukile ofanelekayo uyonakekela lesi sabelo unyaka ngamunye. Umsebenzi womeluleki ongumsizi kuyoba ukunikeza abazalwane abasingatha inkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli iseluleko ngasese, uma sidingeka. Akudingekile ukuba anikeze njalo iseluleko ngemva kwale nkulumo enikezwa abadala noma izinceku ezikhonzayo.

UKUBUKEZWA KWESIKOLE SENKONZO ESINGOKWASEZULWINI: 20 imizuzu. Njalo ngemva kwezinyanga ezimbili, umbonisi wesikole uyosingatha ukubukezwa kweSikole. Kuyoqale kube nenkulumo yamaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli njengoba kuchazwe ngenhla. Ukubukeza kuyosekelwa ekwazisweni okunikezwe eSikoleni phakathi nezinyanga ezimbili ezandulele, kuhlanganise nokwangesonto lokubukeza. Uma ibandla linomhlangano wesifunda noma lihanjelwe umbonisi wesifunda ngesonto lokuBukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, ukubukeza kufanele kuhlehliswe ngesonto bese kusetshenziswa iNkulumo No. 1, No. 2 no-No. 3 zesonto elilandelayo. Alukho ushintsho okufanele lwenziwe esimisweni sokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke noma enkulumweni yamaphuzu avelele eBhayibheli.

ISIMISO

Jan. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 1-5

No. 1: Genesise 3:1-15

No. 2: Okwenza UJesu Waba UMfundisi Omkhulu (lr-ZU isahl. 1)

No. 3: Yini Engelona Ize? (1 Kor. 15:58)

Jan. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 6-10

No. 1: Genesise 9:1-17

No. 2: Ukuphendula Umuntu Ongakholelwa KuNkulunkulu (rs-ZU k. 399 ¶1–k. 400 ¶2)

No. 3: Incwadi Evela KuNkulunkulu Onothando (lr-ZU isahl. 2)

Jan. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 11-16

No. 1: Genesise 14:1-16

No. 2: Lowo Owenza Zonke Izinto (lr-ZU isahl. 3)

No. 3: UJehova Usilolonga Kanjani? (Isaya 64:8)

Jan. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 17-20

No. 1: Genesise 17:1-17

No. 2: Okwenze Abantu Bahluleka Ukumisa Uhulumeni Onobulungisa (rs-ZU kk. 236-237 ¶1)

No. 3: UNkulunkulu Unegama (lr-ZU isahl. 4)

Feb. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 21-24

No. 1: Genesise 22:1-18

No. 2: “Lo YiNdodana Yami” (lr-ZU isahl. 5)

No. 3: a Izindlela Esinganuleka Ngazo Othandweni Lwethu Ngabanye (2 Kor. 6:11-13)

Feb. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 25-28

No. 1: Genesise 25:1-18

No. 2: UMfundisi Omkhulu Wakhonza Abanye (lr-ZU isahl. 6)

No. 3: Kungani Imizamo Yabantu Yokuletha Impumuzo Ingeke Iphumelele? (rs-ZU k. 237 ¶2–k. 238 ¶2)

Feb. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 29-31

No. 1: Genesise 29:1-20

No. 2: Izizathu ‘Zokuyeka Ukukhathazeka’ (Math. 6:25)

No. 3: Ukulalela Kuvikela Wena (lr-ZU isahl. 7)

Feb. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 32-35

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Mar. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 36-39

No. 1: Genesise 39:1-16

No. 2: Abanye Baphakeme Kunathi (lr-ZU isahl. 8)

No. 3: UMbuso KaNkulunkulu—Yiwo Wodwa Ongenelisa Izidingo Zangempela Zesintu (rs-ZU k. 238 ¶3–k. 239 ¶1)

Mar. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 40-42

No. 1: Genesise 40:1-15

No. 2: Kudingeka Silwe Nezilingo (lr-ZU isahl. 9)

No. 3: b Qaphela Umoya Wokuzibusa!

Mar. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 43-46

No. 1: Genesise 44:1-17

No. 2: UJesu Unamandla Ngaphezu Kwamademoni (lr-ZU isahl. 10)

No. 3: Iziprofetho ZeBhayibheli Ziye Zabonakala Zithembekile Ngokuphelele (rs-ZU k. 239 ¶2-5)

Mar. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 47-50

No. 1: Genesise 48:1-16

No. 2: Ingabe Kufanele Simesabe UDeveli?

No. 3: Usizo Esiluthola Ezingelosini ZikaNkulunkulu (lr-ZU isahl. 11)

Mar. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 1-6

No. 1: Eksodusi 1:1-19

No. 2: UJesu Usifundisa Ukuthandaza (lr-ZU isahl. 12)

No. 3: Ingabe Ukuphulukisa Namuhla Kwenziwa Ngomoya KaNkulunkulu? (rs-ZU k. 324)

Apr. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 7-10

No. 1: Eksodusi 9:1-19

No. 2: Abantu Ababa Abafundi BakaJesu (lr-ZU isahl. 13)

No. 3: c EyabaseGalathiya 6:2 neyabaseGalathiya 6:5 singayivumelanisa kanjani?

Apr. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 11-14

No. 1: Eksodusi 12:21-36

No. 2: Isizathu Sokuba Sixolele Abanye (lr-ZU isahl. 14)

No. 3: Umehluko Phakathi Kwezimangaliso ZikaJesu Nabaphostoli Bakhe Nalezo Zanamuhla (rs-ZU k. 325 ¶1–4)

Apr. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 15-18

No. 1: Eksodusi 15:1-19

No. 2: Yini Ehilelekile Ekugwemeni Ukukhulekela Kwamanga?

No. 3: Isifundo Sokuba Nomusa (lr-ZU isahl. 15)

Apr. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 19-22

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

May 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 23-26

No. 1: Eksodusi 24:1-18

No. 2: Yini Ebaluleke Ngempela? (lr-ZU isahl. 16)

No. 3: Indlela AmaKristu Eqiniso Abonakala Ngayo Namuhla (rs-ZU k. 325 ¶5–k. 326 ¶4)

May 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 27-29

No. 1: Eksodusi 29:1-18

No. 2: Into Engakwenza Ujabule (lr-ZU isahl. 17)

No. 3: d Ukwethembeka Okudukile Nezingozi Zako

May 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 30-33

No. 1: Eksodusi 31:1-18

No. 2: Okwenza Izipho Zokwelapha Ngokuyisimangaliso Zinikezwe Ngekhulu Lokuqala (rs-ZU k. 327 ¶1–4)

No. 3: Uye Ukhumbule Yini Ukubonga? (lr-ZU isahl. 18)

May 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 34-37

No. 1: Eksodusi 37:1-24

No. 2: Kulungile Yini Ukulwa? (lr-ZU isahl. 19)

No. 3: e Kuyini Ukuyekelela, Futhi Kungani Kufanele Sikugweme?

June 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 38-40

No. 1: Eksodusi 40:1-19

No. 2: Ingabe Njalo Nje Ufuna Ukuba Phambili? (lr-ZU isahl. 20)

No. 3: Yiliphi Ithemba Elikhona Lokuphulukiswa Kwangempela Kwaso Sonke Isintu? (rs-ZU kk. 327 ¶5–328 ¶2)

June 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 1-5

No. 1: Levitikusi 4:1-15

No. 2: Ikhona Yini Into Okufanele Sizigabise Ngayo? (lr-ZU isahl. 21)

No. 3: f AmaKristu Kufanele Alisebenzise Kanjani Igunya?

June 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 6-9

No. 1: Levitikusi 8:1-17

No. 2: ‘Uyakholelwa Ekuphiliseni?’ (rs-ZU k. 328 ¶3–4)

No. 3: Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga (lr-ZU isahl. 22)

June 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 10-13

No. 1: Levitikusi 11:29-45

No. 2: Isizathu Sokuba Abantu Bagule (lr-ZU isahl. 23)

No. 3: Izibusiso Ezijatshulelwa Abafundi Ababhapathiziwe

June 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 14-16

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

July 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 17-20

No. 1: Levitikusi 19:1-18

No. 2: Ingabe Sonke Sasiphila Endaweni Yomoya Ngaphambi Kokuzalwa Njengabantu? (rs-ZU k. 195 ¶4–k. 196 ¶4)

No. 3: Ungalokothi Ube Isela! (lr-ZU isahl. 24)

July 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 21-24

No. 1: Levitikusi 22:17-33

No. 2: Bangashintsha Yini Abantu Abenza Izinto Ezimbi? (lr-ZU isahl. 25)

No. 3: Indlela AmaKristu Eqiniso Abonisa Ngayo Ukuthi Ayabakhathalela Abampofu

July 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 25-27

No. 1: Levitikusi 25:39-54

No. 2: Isizathu Esenza Kube Nzima Ukwenza Okulungile (lr-ZU isahl. 26)

No. 3: Ukube U-Adamu Akonanga, Ingabe Ngokuhamba Kwesikhathi Wayeyokuya Ezulwini? (rs-ZU k. 196 ¶5-6)

July 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 1-3

No. 1: Numeri 3:1-20

No. 2: Okwenza Ukuba Ngumuntu Omnene Kudinge Ukuzithiba

No. 3: Ubani UNkulunkulu Wakho? (lr-ZU isahl. 27)

Aug. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 4-6

No. 1: Numeri 4:1-16

No. 2: Indlela Ongazi Ngayo Ukuthi Kufanele Ulalele Bani (lr-ZU isahl. 28)

No. 3: Ingabe Umuntu Kumelwe Aye Ezulwini Ukuze Abe Nekusasa Elijabulisa Ngempela? (rs-ZU k. 197 ¶1-3)

Aug. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 7-9

No. 1: Numeri 9:1-14

No. 2: Ingabe Wonke Amaphathi Ayamjabulisa UNkulunkulu? (lr-ZU isahl. 29)

No. 3: Izindlela Esibonisa Ngazo Ubuqotho KuJehova

Aug. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 10-13

No. 1: Numeri 13:17-33

No. 2: Izinto Ezingasisiza Sinqobe Ukwesaba (lr-ZU isahl. 30)

No. 3: Eyoku-1 Petru 3:19, 20 Isho Ukuthini? (rs-ZU k. 197 ¶4)

Aug. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 14-16

No. 1: Numeri 14:26-43

No. 2: Kusho Ukuthini Ukuthanda Umthetho KaJehova? (IHu. 119:97)

No. 3: Lapho Singathola Khona Induduzo (lr-ZU isahl. 31)

Aug. 31 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 17-21

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Sept. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 22-25

No. 1: Numeri 22:20-35

No. 2: Indlela UJesu Avikelwa Ngayo (lr-ZU isahl. 32)

No. 3: Eyoku-1 Petru 4:6 Isho Ukuthini? (rs-ZU k. 198 ¶1)

Sept. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 26-29

No. 1: Numeri 27:1-14

No. 2: Kuyini Ukuqondisa Umqondo, Futhi Kungani Kubalulekile? (Efe. 6:4)

No. 3: UJesu Uyakwazi Ukusivikela (lr-ZU isahl. 33)

Sept. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 30-32

No. 1: Numeri 32:1-15

No. 2: Kuyokwenzekani Uma Sifa? (lr-ZU isahl. 34)

No. 3: Ingabe Ukuphila Kwasezulwini Kuyithemba Lawo Wonke AmaKristu? (rs-ZU k. 198 ¶2–199 ¶1)

Sept. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 33-36

No. 1: Numeri 33:1-23

No. 2: Singavuka Uma Sifile! (lr-ZU isahl. 35)

No. 3: Izindlela UMbuso KaNkulunkulu Ongcono Kakhulu Ngazo Kunabo Bonke Ohulumeni Babantu

Oct. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 1-3

No. 1: Duteronomi 2:1-15

No. 2: “ITestamente Elisha” Lithini Ngokuphila Okuphakade Emhlabeni? (rs-ZU k. 199 ¶2– k. 200 ¶3)

No. 3: Obani Abayovuswa? Bayohlalaphi? (lr-ZU isahl. 36)

Oct. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 4-6

No. 1: Duteronomi 4:15-28

No. 2: Ukukhumbula UJehova NeNdodana Yakhe (lr-ZU isahl. 37)

No. 3: Kunini Lapho Okuncane Kungcono Khona? (IzAga 15:16)

Oct. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 7-10

No. 1: Duteronomi 9:1-14

No. 2: Isizathu Sokuba Sithande UJesu (lr-ZU isahl. 38)

No. 3: Bangaki IBhayibheli Elibanikeza Ithemba Lokuphila Ezulwini? (rs-ZU k. 200 ¶4-5)

Oct. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 11-13

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Nov. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 14-18

No. 1: Duteronomi 15:1-15

No. 2: Kuhilelani Ukwesaba UNkulunkulu?

No. 3: UNkulunkulu Ukhumbula INdodana Yakhe (lr-ZU isahl. 39)

Nov. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 19-22

No. 1: Duteronomi 22:1-19

No. 2: Indlela Yokwenza UNkulunkulu Ajabule (lr-ZU isahl. 40)

No. 3: Ingabe Abayizi-144 000 BangamaJuda Emvelo Kuphela? (rs-ZU k. 200 ¶6–k. 201 ¶3)

Nov. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 23-27

No. 1: Duteronomi 25:1-16

No. 2: Izingane Ezenza UNkulunkulu Ajabule (lr-ZU isahl. 41)

No. 3: g Yiziphi Izinto Okufanele Sizibheke Njengezingcwele?

Nov. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 28-31

No. 1: Duteronomi 30:1-14

No. 2: Isizathu Sokuba Sisebenze (lr-ZU isahl. 42)

No. 3: Liyini Ithemba ElingokomBhalo ‘Lesixuku Esikhulu’? (rs-ZU k. 201 ¶4–k. 202 ¶1)

Nov. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 32-34

No. 1: Duteronomi 32:1-21

No. 2: Luyini “Usuku Olukhulu LukaJehova”? (Zef. 1:14)

No. 3: Obani Abangabafowethu Nodadewethu? (lr-ZU isahl. 43)

Dec. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 1-5

No. 1: Joshuwa 5:1-15

No. 2: Abangane Bethu Kufanele Bamthande UNkulunkulu (lr-ZU isahl. 44)

No. 3: Uyini UMbuso KaNkulunkulu? Izinto Esingabonisa Ngazo Ukuthi Siyawufuna (lr-ZU isahl. 45)

Dec. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 6-8

No. 1: Joshuwa 8:1-17

No. 2: Amanzi Abhubhisa Izwe—Ingabe Asazolibhubhisa Futhi? (lr-ZU isahl. 46)

No. 3: Kungani UmShumayeli 7:21, 22 Uyiseluleko Esisebenzayo?

Dec. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 9-11

No. 1: Joshuwa 9:1-15

No. 2: Izinto Esingabona Ngazo Ukuthi I-Armagedoni Iseduze (lr-ZU isahl. 47)

No. 3: Ungaphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula (lr-ZU isahl. 48)

Dec. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 12-15

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

[Imibhalo yaphansi]

a Yabela abazalwane kuphela, uma kungenzeka kube abadala noma izinceku ezikhonzayo.

b Yabela abazalwane kuphela, uma kungenzeka kube abadala noma izinceku ezikhonzayo.

c Yabela abazalwane kuphela, uma kungenzeka kube abadala noma izinceku ezikhonzayo.

d Yabela abazalwane kuphela, uma kungenzeka kube abadala noma izinceku ezikhonzayo.

e Yabela abazalwane kuphela, uma kungenzeka kube abadala noma izinceku ezikhonzayo.

f Yabela abazalwane kuphela, uma kungenzeka kube abadala noma izinceku ezikhonzayo.

g Yabela abazalwane kuphela, uma kungenzeka kube abadala noma izinceku ezikhonzayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela