Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 27, 2008. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-September 1 kuya ku-October 27, 2008.
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Singathola kanjani ukuthi kungani abanye abantu bekholelwa lokho abakukholelwayo? [be-ZU k. 259 izig. 2, 3]
2. Singamsiza kanjani umuntu ukuba aqede ubandlululo noma inzondo enhliziyweni yakhe? [be-ZU k. 260 isig. 2]
3. Singabasiza kanjani abantu esibafundelayo ukuba bahlole izinhliziyo zabo benombono wokuqhubeka bekhula ngokomoya? [be-ZU k. 261 isig. 3]
4. Yini okufanele siyikhumbule njengoba silwela ukufinyelela izinhliziyo zezilaleli zethu? [be-ZU k. 262 isig. 4]
5. Kungani kufanele sinake isikhathi emihlanganweni yebandla? [be-ZU k. 263 izig. 1, 3, ibhokisi]
ISABELO NO. 1
6. Yini eyashukumisela uPawulu ukuba alobe incwadi yakhe yokuqala eya kwabaseKorinte? [si-ZU k. 210 isig. 3]
7. Yiziphi ezinye zezizathu ezaholela uPawulu ukuba abhale incwadi yakhe yesibili eya kwabaseKorinte? [si-ZU k. 214 izig. 1-2]
8. Imuphi umbono amaKristu okufanele abe nawo ngenkonzo? [si-ZU kk. 216-217 isig. 18]
9. Thina namuhla, njengabazalwane baseFilipi, singakuthola kanjani ukuvunyelwa uNkulunkulu futhi sibe umthombo wenjabulo kubazalwane bethu? [si-ZU k. 225 isig. 12]
10. UPawulu nabangane bakhe baba naliphi ithonya elihle ebandleni laseThesalonika? [si-ZU k. 231 isig. 13]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Kusho ukuthini ‘ukunikela’ umuntu omubi “kuSathane ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama, ukuze umoya usindiswe”? (1 Kor. 5:5) [w08-ZU 7/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadini Yokuqala Neyesibili YabaseKorinte”]
12. Ukufa kukaJesu kufanele kukhunjulwe kangaki, futhi ‘kuze kube’ nini? (1 Kor. 11:26) [w08-ZU 7/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadini Yokuqala Neyesibili YabaseKorinte”]
13. Eyesi-2 Korinte 12:2-4 ikhuluma ngamuphi umbono, futhi cishe ubani owawubona? [w04-ZU 10/15 k. 8 isig. 4; k. 10 isig. 9]
14. Kungani uPawulu afanisa uMthetho KaMose ‘nomfundisi oholela kuKristu’? (Gal. 3:24) [w08-ZU 3/1 kk. 18-21]
15. Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethandazela ukuthi “kwangathi umoya nomphefumulo nomzimba wenu bazalwane kungalondolozwa”? (1 Thes. 5:23) [w08-ZU 9/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Ezincwadi Eziya KwabaseThesalonika NakuThimothewu”]