Isifundo SeBhayibheli Somuntu Siqu Nesomkhaya Zibalulekile!
1. Ikuphi ukukhathalela okukhethekile iNdikimba Ebusayo enakho ngathi kulesi sikhathi, futhi ngani?
1 Njengasekhulwini lokuqala, iNdikimba Ebusayo iyikhathalela ngokujulile inhlala-kahle yabantu bakaJehova. (IzE. 15:6, 28) Njengoba usizi olukhulu luya lusondela, kubalulekile ukuba ummemezeli ngamunye woMbuso abe nobuhlobo obuqinile noJehova. Uzosisebenzisa kanjani isikhathi ebesisetshenziselwa iSifundo Sencwadi Sebandla? Sonke sikhuthazwa ukuba sisebenzise lesi sikhathi ngenjongo yokukhulekela komkhaya. Ukusisebenzisa ngokuhlakanipha lesi sikhathi kuyosisiza ukuba simbe sijule eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe futhi sizuze emanzini alo anikeza ukuphila.—IHu. 1:1-3; Roma 11:33, 34.
2. Ubusuku bokukhulekela komkhaya bungahlelwa kanjani?
2 Ubusuku Bokukhulekela Kom-khaya: Izinhloko zemikhaya zikhuthazwa ukuba zithwale umthwalo wazo phambi kukaJehova wokuqinisekisa ukuthi kulandelwa isimiso esinenjongo, sasikhathi sonke sesifundo seBhayibheli somkhaya. (Dut. 6:6, 7) Abazalwane nodade abangashadile abangenayo imithwalo yomkhaya bayokwazi ukusebenzisa lesi sikhathi ukuze benze isifundo seBhayibheli somuntu siqu nocwaningo. Kubalulekile ukuba sonke ‘sithengisise ithuba’ lokutadisha nokuzindla ukuze silondoloze amandla angokomoya adingekayo ekubhekaneni ‘nezinsuku ezimbi.’—Efe. 5:15, 16.
3, 4. Ikuphi ukusikisela okunikezwayo ngokuphathelene nokwaziswa esingakusebenzisa, futhi sicabanga ngayiphi injongo?
3 Okungase Kufundwe: I-Watch Tower Publications Index noma i-Watchtower Library kuyi-CD-ROM ingakusiza ukuba uthole ukwaziswa okuyokwenza isikhathi sokutadisha kwenu iBhayibheli sijabulise. Imikhaya ingase ifunde izihloko ezikuyi-Nqabayokulinda, njengezihloko eziphuma njalo ezithi “Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya,” “Fundisa Izingane Zakho,” nesithi “Ezentsha Yethu.” I-Phaphama! nayo inezihloko eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” kanye nezihloko ezithakazelisayo mayelana nezimangaliso zendalo.
4 Ukungajahi lapho nifunda iBhayibheli kungagcizelela izimiso nezifundo zokuhlonipha uNkulunkulu ezingqondweni nasezinhliziyweni zawo wonke umkhaya. (Heb. 4:12) Ngezinye izikhathi, ningase nibukele futhi nixoxe ngama-video akhishwa yinhlangano. Kunamathuba amaningi okukhetha izinto ezijabulisayo eningase nizifunde. Kungani ungabuzi amalungu omkhaya wakho ukuthi yini angayijabulela?
5. Kungani isifundo seBhayibheli somuntu siqu nesomkhaya zibaluleke kangaka ekuphileni kwethu manje?
5 Okwenza Kubaluleke Manje: Ukuqinisa ingokomoya lethu kuyosilungiselela ‘ukuma siqine sibone insindiso kaJehova.’ (Eks. 14:13) Abazali badinga isiqondiso sikaNkulunkulu ukuze bakhulise izingane “phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile.” (Fil. 2:15) Izingane zidinga usizo ukuze zibhekane nokuwohloka kokuziphatha ezikoleni namuhla. (IzAga 22:3, 6) Imibhangqwana iyokwenza kahle uma iqinisa isibopho ‘esiyintambo emicu mithathu’ noJehova. (UmSh. 4:12) Kwangathi singasisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi esisele ukuze sizakhe ‘okholweni lwethu olungcwelengcwele’!—Jude 20.