Mikhaya Yamakristu—“Hlalani Nilungele”
“Hlalani nilungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningacabangi ukuthi kungaba yilo.”—LUKA 12:40.
1, 2. Kungani kufanele sisithathe ngokungathí sina iseluleko sikaJesu ‘sokuhlale sikulungele’?
“LAPHO iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo” futhi ihlukanisa “abantu omunye komunye,” kuyowuhambela kanjani umkhaya wakho? (Math. 25:31, 32) Njengoba lokhu kuyokwenzeka ngehora esingalicabangi, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukusithatha ngokungathí sina iseluleko sikaJesu ‘sokuhlale sikulungele’!—Luka 12:40.
2 Isihloko esandulele sikhulume ngendlela ilungu ngalinye lomkhaya elingasiza ngayo wonke umkhaya ukuba uhlale uphapheme ngokomoya ngokuwuthatha ngokungathí sina umthwalo walo wemfanelo. Ake sicabangele ezinye zezindlela esingaba ngazo nengxenye enhlalakahleni engokomoya yemikhaya yethu.
Gcinani Iso Lenu “Lilihle”
3, 4. (a) Yini imikhaya yamaKristu okufanele iyiqaphele? (b) Kusho ukuthini ukugcina iso lethu “lilihle”?
3 Ukuze imikhaya ikulungele ukufika kukaKristu, kumelwe iqaphele ukuba ingaphazanyiswa ezintweni ezihlobene nokukhulekela kweqiniso. Kudingeka iqaphe ukuba ingachezukiswa lutho. Njengoba ukuthanda izinto ezibonakalayo kuwugibe oluye lwabamba imikhaya eminingi, cabangani ngalokho uJesu akusho ngokugcina iso lethu “lilihle.” (Funda uMathewu 6:22, 23.) Njengoba nje isibani singasikhanyisela endleleni futhi sisenze sigweme izinto ezingasikhuba, lokho esikufaka ‘ngamehlo enhliziyo’ angokomfanekiso kungasikhanyisela, kusisize ukuba singakhutshwa lutho ekuziphatheni kwethu.—Efe. 1:18.
4 Ukuze amehlo angokoqobo abone ngokucacile, kumelwe asebenze kahle futhi akwazi ukugxila kulokho akubhekile. Kunjalo nangamehlo enhliziyo. Ukuba neso elihle elingokomfanekiso kusho ukuthi sigxile enjongweni eyodwa. Kunokuba siphile ukuphila okugxile ezintweni ezibonakalayo futhi sibanjwe ukunakekela izidingo zomkhaya ezingokwenyama kuphela, sigcina iso lethu ligxile ezintweni ezingokomoya. (Math. 6:33) Lokhu kusho ukuthi sihlale sanelisekile ngezinto ezibonakalayo esinazo futhi senze inkonzo kaNkulunkulu ize kuqala ekuphileni kwethu.—Heb. 13:5.
5. Intombazane ethile esicela eminyakeni engamashumi amabili yabonisa kanjani ukuthi “iso” layo laligxile ekukhonzeni uNkulunkulu?
5 Yeka ukuthi kungaba nemiphumela emihle kanjani lapho izingane ziqeqeshwe ukuba zigcine iso lazo lilihle! Cabanga ngesibonelo sentombazane ethile yaseTopiya esicela eminyakeni engamashumi amabili. Yenza kahle kakhulu ezifundweni zayo kangangokuthi lapho iqeda esikoleni, yanikezwa umfundaze ukuze iqhubekisele phambili imfundo yayo. Nokho, njengoba iso layo laligxile ekukhonzeni uJehova, yawenqaba umfundaze. Ngemva nje kwalokho, yathenjiswa umsebenzi owawuzoyikhokhela imali engaba ngu-R28 200 ngenyanga—imali enkulu kunaleyo abaningi abayitholayo ezweni lakubo. Kodwa “iso” lale ntombazane laligxile enkonzweni yokuphayona. Akuzange kudingeke nokuba ize ixoxe nabazali bayo ukuze iwenqabe lo msebenzi. Bazizwa kanjani abazali bayo lapho bezwa ngalokho okwenziwe indodakazi yabo? Abeve bajabula futhi bayitshela ukuthi bayaziqhenya ngayo!
6, 7. Iyiphi ingozi okufanele ‘sihlale sivule amehlo’ ukuze singangeni kuyo?
6 Amazwi kaJesu akuMathewu 6:22, 23 aqukethe nesixwayiso ngokuhaha. UJesu wasebenzisa inkulumo ethi ‘iso elibi’ njengephikisana nethi ‘iso elihle.’ ‘Iso elibi’ “alithandeki; linomona,” okungukuthi, linomhawu noma liyahaha. (Math. 6:23) UJehova uzizwa kanjani ngokuhaha? IBhayibheli lithi: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu.”—Efe. 5:3.
7 Nakuba kungase kube lula ukubona inkinga yokuhaha kwabanye, akulula ukuyibona uma ikithi. Ngakho, siyobe sihlakaniphile uma singalalela iseluleko sikaJesu: “Hlalani nivulé amehlo futhi niqaphe yonke inhlobo yokuhaha.” (Luka 12:15) Lokho kusho ukuthi kudingeka sizihlole ukuze sibone ukuthi izinhliziyo zethu zigxilephi. Imikhaya yamaKristu kufanele icabangisise ngempela ngesikhathi nangemali ekuchitha kwezokuzijabulisa, ukuzilibazisa nasekutholeni izinto ezibonakalayo.
8. Lapho sithenga izinto, singenzenjani ukuze ‘sihlale sivule amehlo’ ethu?
8 Lapho uthenga into ethile, kudingeka wenze okungaphezu nje kokunquma ukuthi unayo yini imali yayo noma cha. Cabangela izici ezinjengalezi: ‘Ingabe ngizoba naso isikhathi sokuyisebenzisa njalo nokuyigcina isesimweni esihle? Kuyongithatha isikhathi esingakanani ukufunda ukuyisebenzisa kahle?’ Nina basha, musani ukukholelwa zonke izikhangiso zezwe zezentengiselwano ngezinto ezidayiswayo bese ngokungacabangeli nifuna ngenkani izingubo ezibizayo ezinamagama aphambili noma ezinye izinto. Zithibeni. Cabangani nangokuthi ukuthola leyo nto kuyokuthinta kanjani ukulungela komkhaya wakini ukufika kweNdodana yomuntu. Yibani nokholo kulesi sithembiso sikaJehova: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”—Heb. 13:5.
Phishekelani Imigomo Engokomoya
9. Ukuphishekela imigomo engokomoya kungawusiza kanjani umkhaya?
9 Enye indlela amalungu omkhaya angaqinisa ngayo ukholo lwawo futhi abe nengxenye enhlalakahleni engokomoya yawo wonke umkhaya iwukuba azibekele imigomo engokomoya bese eyiphishekela. Ukwenza lokho kungasiza imikhaya ikwazi ukubona ukuthi yenza kahle kanjani emgomweni wayo wokujabulisa uJehova futhi kuyenze ikwazi ukukala ukubaluleka kwanoma yimuphi umsebenzi.—Funda eyabaseFilipi 1:10.
10, 11. Njengomkhaya, imiphi imigomo engokomoya eniyiphishekelayo, futhi imiphi imigomo yesikhathi esizayo eningathanda ukuzibekela yona?
10 Ngisho nokubeka imigomo emincane enengqondo ilungu ngalinye lomkhaya elingayifinyelela kungazuzisa kakhulu. Ngokwesibonelo, cabangani ngomgomo wokuxoxa ngetekisi losuku nsuku zonke. Izimpendulo zamalungu omkhaya zingasiza inhloko yomkhaya ukuba ibone izinga lengokomoya lawo. Umgomo wokufunda iBhayibheli njalo ndawonye njengomkhaya unikeza izingane ithuba elihle kakhulu lokuthuthukisa ikhono lazo lokufunda nokuqonda kwazo okushiwo isigijimi seBhayibheli. (IHu. 1:1, 2) Akufanele yini futhi sizibekele umgomo wokuthuthukisa izinga lemithandazo yethu? Omunye umgomo omuhle kakhulu esingawuphishekela owokuhlakulela izithelo zomoya ngezinga elikhulu. (Gal. 5:22, 23) Kuthiwani mhlawumbe ngokubheka izindlela zokubonisa uzwela kubantu esihlangana nabo enkonzweni? Ukulwela ukwenza lokho njengomkhaya kungasiza izingane zifunde ukuba nozwela futhi cishe ziyothambekela kakhudlwana ekubeni nesifiso sokukhonza njengamaphayona avamile noma njengezithunywa zevangeli.
11 Kungani ungacabangeli eminye imigomo wena nomkhaya wakho eningayiphishekela? Ingabe umkhaya wakho ungazibekela umgomo wokuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni? Ingabe ningalwela ukunqoba uvalo lokushumayela ngocingo, emgwaqweni noma ezindaweni zamabhizinisi? Kuthiwani ngokukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso? Elinye ilungu lingakwazi yini ukufunda ulimi olusha ukuze likwazi ukushumayela izindaba ezinhle kubantu bezinye izizwe?
12. Yini izinhloko zemikhaya ezingayenza ukuze zisize imikhaya yazo ukuba ithuthuke ngokomoya?
12 Njengenhloko yomkhaya, bona izindawo umkhaya wakho ongathuthuka kuzo ngokomoya. Yibe usubeka imigomo eqondile yokufinyelela lokho. Imigomo enizibekela yona njengomkhaya kufanele ibe nengqondo futhi ifinyeleleke, ihambelane nezimo namakhono enu. (IzAga 13:12) Yiqiniso, kudinga isikhathi ukulwela ukufinyelela umgomo ozuzisayo. Ngakho, thengisisa isikhathi esichithwa kubukwe ithelevishini futhi sisetshenziselwe izinto ezingokomoya. (Efe. 5:15, 16) Zikhandle ukuze imigomo oyibekele umkhaya wakho ifinyelelwe. (Gal. 6:9) Umkhaya ophishekela imigomo engokomoya uyokwenza intuthuko yawo “ibonakale kubo bonke abantu.”—1 Thim. 4:15.
Yibani Njalo Nobusuku BokuKhulekela Komkhaya
13. Iluphi ushintsho olwenziwa esimisweni semihlangano yebandla yamasonto onke, futhi imiphi imibuzo okufanele sizindle ngayo?
13 Ushintsho olukhulu olwenziwa esimisweni semihlangano yamasonto onke olwaqala ngo-January 1, 2009, luwusizo olukhulu ukuze imikhaya ‘ihlale ilungele’ ukufika kweNdodana yomuntu. Umhlangano owawaziwa ngokuthi iSifundo Sencwadi Sebandla wahlanganiswa neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo, okwenza kwangabe kusadingeka ukuba wenziwe ngosuku oluhlukile. Lolu shintsho lwenziwa ngenjongo yokuba imikhaya yamaKristu ibe nethuba lokuqinisa ingokomoya layo ngokuhlela ubusuku obuqondile ezobusebenzisela ukukhulekela komkhaya isonto ngalinye. Manje njengoba sekudlule isikhathi lolu shintsho lwaqala, singazibuza: ‘Ingabe isikhathi esesivulekile ngisisebenzisela ukuKhulekela Komkhaya noma isifundo somuntu siqu? Ngikwazile yini ukufinyelela injongo yaleli lungiselelo?’
14. (a) Iyini injongo eyinhloko yokuba njalo nobusuku bokuKhulekela Komkhaya noma besifundo somuntu siqu? (b) Ukubekela eceleni ubusuku bokutadisha kubaluleke ngani?
14 Injongo eyinhloko yokuba nobusuku bokuKhulekela Komkhaya njalo noma isikhathi sesifundo somuntu siqu iwukusondela ngokwengeziwe kuNkulunkulu. (Jak. 4:8) Lapho sizinika njalo isikhathi sokutadisha iBhayibheli futhi sikhulise ulwazi lwethu ngoMdali, ubuhlobo bethu naye buyaqina. Lapho sisondela ngokwengeziwe kuJehova, sishukumiseleka ngokwengeziwe ukuba simthande ‘ngayo yonke inhliziyo yethu, ngawo wonke umphefumulo wethu, ngayo yonke ingqondo yethu nangawo onke amandla ethu.’ (Marku 12:30) Ngokuqinisekile, sifisa ukulalela uNkulunkulu nokumlingisa. (Efe. 5:1) Ukuba njalo nobusuku bokuKhulekela Komkhaya kuyisihluthulelo ekusizeni wonke amalungu omkhaya wethu ukuba ‘ahlale elungele’ ngokomoya njengoba silindele “usizi olukhulu” olubikezelwe. (Math. 24:21) Ukwenza lokhu kubalulekile ukuze sisinde.
15. Ubusuku bokuKhulekela Komkhaya bungaba namuphi umphumela endleleni amalungu omkhaya azizwa ngayo ngelinye nelinye?
15 Ilungiselelo lokuKhulekela Komkhaya linenye futhi injongo—ukusiza amalungu omkhaya ukuba asondelane. Ukuchitha kwamalungu omkhaya isikhathi ndawonye exoxa ngezinto ezingokomoya masonto onke kunomphumela ophawulekayo endleleni azizwa ngayo ngelinye nelinye. Yeka ukuthi abantu abashadile basondelana kangakanani lapho bezwa omunye wabo ezwakalisa injabulo yakhe ngephuzu elingokomoya abalithole ndawonye! (Funda umShumayeli 4:12.) Abazali abakhulekela ndawonye nabantwana babo cishe bayoba munye othandweni, ‘oluyisibopho esiphelele sobunye.’—Kol. 3:14.
16. Landisa indlela odade abathathu abazuza ngayo ngokuba nobusuku obubekelwe eceleni besifundo seBhayibheli.
16 Cabanga ngendlela odade abathathu abaye bazuza ngayo elungiselelweni lokubekela eceleni ubusuku besifundo seBhayibheli. Lab’ odade abathathu asebekhulile abangabafelokazi bahlala edolobheni elilodwa, futhi nakuba bengezona izihlobo zegazi, sekuyiminyaka bengabangane. Befisa ukuba nesikhathi esengeziwe sobudlelwane ngesikhathi esifanayo befisa ukuba bube obuzuzisayo ngokomoya kunokuba nje obokuchitha isizungu, banquma ukubekela eceleni ubusuku abazohlangana ngabo batadishe iBhayibheli. Baqale benza lokhu ngokusebenzisa incwadi ethi ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu. Omunye wabo uthi: “Sisijabulela kakhulu isikhathi sethu kangangokuthi ngokuvamile isifundo sethu siba ngaphezu kwehora. Sizama ukuzibona ngeso lengqondo izimo abafowethu bangekhulu lokuqala ababhekana nazo bese sixoxa ngalokho thina esiyokwenza lapho sibhekene nezimo ezifanayo. Sibe sesizama ukuwasebenzisa ensimini amaphuzu esiwathole engxoxweni yethu. Lokhu kwenze umsebenzi wethu wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi wajabulisa futhi wakhiqiza ngokwengeziwe kunanini ngaphambili.” Ngaphezu kokubakha ngokomoya, leli lungiselo liye lenza laba bangane abathathu basondelana nakakhulu. Bathi: “Siyalazisa leli lungiselelo.”
17. Iziphi izinto ezinomthelela empumelelweni yobusuku bokuKhulekela Komkhaya?
17 Kuthiwani ngawe? Uzuza kanjani ngokuba nobusuku obubekelwe eceleni bokukhulekela komkhaya noma besifundo somuntu siqu? Uma lisetshenziswa lapho nje kwenzekile, leli lungiselelo ngeke liwufinyelele umgomo walo. Ilungu ngalinye lomkhaya kudingeka likulungele ukufunda ngesikhathi esibekiwe. Akufanele izinto ezincane zivunyelwe ukuba ziphazamise lobu busuku. Ngaphezu kwalokho, lokho okuzofundwa kufanele kukhethwe ngendlela ezokwenza izikhathi zokufunda zizuzise umkhaya. Yini ongayenza ukuze lezo zikhathi zokufunda zijabulise? Sebenzisa izindlela zokufundisa eziphumelelayo futhi ugcine isifundo sinesizotha futhi sinokuthula.—Jak. 3:18.a
“Hlalani Niphapheme” Futhi “Nihlale Nilungele”
18, 19. Ukwazi ukuthi ukufika kweNdodana yomuntu kuseduze kufanele kukuthinte kanjani wena nomkhaya wakho?
18 Ukuwohloka kwezimo zezwe eziphawula isikhathi sethu kusishiya singangabazi nakancane ukuthi izwe likaSathane elibi liye langena ezinsukwini zalo zokugcina kusukela ngo-1914. Kumelwe ukuba amafu esivunguvungu se-Armagedoni aseyahloma. Maduze iNdodana yomuntu izofika ikhiphe isahlulelo sikaJehova kubantu abangamesabi. (IHu. 37:10; IzAga 2:21, 22) Akufanele yini ukukuqaphela lokhu kukuthinte wena nomkhaya wakho?
19 Uyasilalela yini iseluleko sikaJesu sokugcina iso lakho “lilihle”? Nakuba abantu baleli zwe bengase bazikhandlele ukuthola ingcebo, udumo noma amandla, ingabe umkhaya wakho uphishekela imigomo engokomoya? Ingabe ilungiselelo lobusuku bokuKhulekela Komkhaya noma lesikhathi sesifundo somuntu siqu liyakusebenzela? Uyayifinyelela yini injongo yalo? Njengoba kuchazwe esihlokweni esandulele, uyawuthwala yini umthwalo wakho wemfanelo ongokomBhalo njengomyeni, inkosikazi noma njengomntwana, kanjalo usize wonke umkhaya ukuba ‘uhlale uphapheme’? (1 Thes. 5:6) Uma kunjalo, ‘uyohlale ukulungele’ ukufika kweNdodana yomuntu.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole amacebiso okuthi yini eningayifunda nokuthi ningenza kanjani ukuze ubusuku bokuKhulekela Komkhaya buzuzise futhi bujabulise, bheka INqabayokulinda ka-October 15, 2009, amakhasi 29-31.
Ufundeni?
• Chaza indlela imikhaya yamaKristu ‘engahlala ngayo ikulungele’ . . .
ngokuba neso ‘elihle.’
ngokubeka nokuphishekela imigomo engokomoya.
ngokuba njalo nobusuku bokuKhulekela Komkhaya.
[Isithombe ekhasini 13]
Iso ‘elihle’ liyosishukumisela ukuba simelane nezithikamezo zezwe