ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-September 8
INgoma 204
10 imiz: Izaziso zebandla. Buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko komagazini bamuva eziye zakhanga abantu kakhulu ensimini yebandla. Zicele ukuba zilandise ukuthi imiphi imibuzo nemibhalo eziye zayisebenzisa ukuze zethule lezi zihloko. Makube nemiboniso ebonisa indlela okungahanjiswa ngayo umagazini ngamunye.
15 imiz: Siza Abafundi BeBhayibheli Babe Abafundisi. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2007, amakhasi 29-30, izigaba 14-20. Hlanganisa nomboniso omfushane obonisa ummemezeli echazela umfundi omusha weBhayibheli ngenkulumo yeningi neSifundo Se-Nqabayokulinda abese emmema ukuba abe khona.
20 imiz: Ukubhekana Nokucwaswa Enkonzweni Yethu. Inkulumo enikezwa ngumdala, esekelwe ekwazisweni okunyathelisiwe okubonisa indlela ukucwaswa okungayithinta ngayo inkonzo yethu. Chaza ukuthi kunganqotshwa kanjani ukucwaswa okunjalo. Ngezinye izikhathi ukuziphatha kwethu, lapho sisenkonzweni yasensimini nalapho senza ezinye izinto ekuphileni, kungafeza lukhulu ekunqobeni ukucwasa kwabasibonayo futhi kubenze bamukele iqiniso. Ngakho kubalulekile ukuba siqaphe inkulumo nokuziphatha kwethu ngaso sonke isikhathi. (1 Pet. 2:12; 3:1, 2) Landisa okuhlangenwe nakho okumbalwa okukhethiwe kwasebandleni noma okunyathelisiwe okubonisa indlela okunganqotshwa ngayo ukucwaswa.
INgoma 127
Isonto Eliqala Ngo-September 15
INgoma 94
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
20 imiz: Siqhube Kanjani Ngonyaka Odlule? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esingathwa umbonisi wenkonzo noma omunye umdala ofanelekayo. Bukeza umsebenzi webandla wensimu phakathi nonyaka odlule wenkonzo, ugxile ezintweni ezinhle ezafezwa. Ncoma lapho kufaneleka khona. Hlela kusengaphambili ukuba ummemezeli oyedwa noma ababili balandise noma ikuphi okuhlangenwe nakho okuvelele abakujabulela. Yisho iphuzu elilodwa noma amabili ibandla elingasebenzela kuwo kulo nyaka ozayo, uveze nokusikisela okuwusizo kokuthuthukisa.
15 imiz: Ngingakuvikela Kanjani Ukukholelwa Kwami Endalweni? Inkulumo esekelwe ekwazisweni okunyathelisiwe. Cela izilaleli zichaze ukuthi ziye zakuvikela kanjani ukukholelwa kwazo endalweni lapho zisesikoleni, emsebenzini noma kwenye indawo. Ungahlela kusengaphambili ukuba oyedwa noma ababili bachaze.
INgoma 51
Isonto Eliqala Ngo-September 22
INgoma 104
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Xoxa ngencwadi evela egatsheni, esekhasini 1.
20 imiz: Uzothola Umvuzo Ngomsebenzi Wakho. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 2005, kusukela ekhasini 28, isigaba 5, kuya ekupheleni kwekhasi 29. Hlanganisa nengxoxo emfushane nommemezeli oyedwa noma ababili abashisekayo ngokuphathelene nendlela uJehova aye wabasekela ngayo ngezidingo ezingokwenyama noma ezingokomzwelo.
15 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda ka-October 1 ne-Phaphama! ka-October. Bukeza lab’ omagazini kafushane, ubuze izilaleli ukuthi iziphi izihloko ezingase zikhange abantu kakhulu ensimini yebandla. Imiphi imibuzo nemibhalo engase isetshenziswe ekwethuleni lezi zihloko? Makube nomboniso wendlela okungasetshenziswa ngayo intshumayelo eyisibonelo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Cela omunye wabadala enze umboniso omfushane wentshumayelo ayilungiselele esekelwe esihlokweni esingafaneleka ensimini yebandla.
INgoma 190
Isonto Eliqala Ngo-September 29
INgoma 45
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngamalungiselelo ka-October ensimu engabelwe. Lena inyanga yokugcina yomkhankaso wensimu engabelwe. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-September. Hlela kusengaphambili ukuba ummemezeli oyedwa noma ababili balandise okuhlangenwe nakho okwakhayo abakujabulele lapho befakaza ngokwethukela ngesikhathi beseholidini, emsebenzini noma ngezinye izikhathi.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Umkhankaso Okhethekile Wepheshana Ngo-October 20–November 16!”a Uma amapheshana esekhona, nika ngamunye okhona ikhophi. Bukeza kafushane okuqukethwe ipheshana lapho nicabangela isigaba 2. Lapho nicabangela isigaba 4, makwenziwe umboniso wokuthi leli pheshana lingahanjiswa kanjani. Lapho nicabangela isigaba 5, makwenziwe umboniso wommemezeli osebenzisa leli pheshana ekuqaleni isifundo seBhayibheli lapho enza impindelo.
INgoma 9
Isonto Eliqala Ngo-October 6
INgoma 15
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Ingxoxo nezilaleli. Hlanganisa nokushiwo INqabayokulinda ka-June 15, 2005, amakhasi 20-22, izigaba 10-16.
20 imiz: “Fundisa Abanye Ukuba Bathande UJehova.”b Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
INgoma 132
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.