Umkhankaso Okhethekile Wepheshana Ngo-October 20–November 16!
1 Kusukela ngoMsombuluko, October 20, kuze kuphele amasonto amane agcwele, siyobe sihlanganyela emkhankasweni okhethekile wokusakaza ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? Sithemba ukuthi lo mkhankaso okhethekile womhlaba wonke uyokwenza abantu babe nesithakazelo esithe xaxa emthonjeni weqiniso okuwukuphela kwawo.—Joh. 17:17.
2 Leli pheshana linikeza izimpendulo zeBhayibheli ezingagunci emibuzweni eyisithupha ebalulekile: “Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela ngempela?” “Ingabe izimpi nokuhlupheka kuyoke kuphele?” “Kwenzekani kithi lapho sifa?” “Ingabe likhona ithemba ngabafileyo?” “Ngingathandaza kanjani kuNkulunkulu futhi angizwe?” nothi “Ngingayithola kanjani injabulo ekuphileni?” Amasonto eLobukholwa awakaze abe nezimpendulo zale mibuzo ezanelisayo. Ngisho nabaningi abangazibizi ngamaKristu baye bazibuza ngalezi zindaba, kodwa kungenzeka abaqapheli ukuthi izimpendulo ezicacile ziyatholakala eBhayibhelini. Ngakho-ke, lesi sigijimi kufanele sikhange abantu abaningi.
3 Hlanganisani Insimu Yenu: Lwelani ukuhlanganisa ingxenye enkulu ngangokunokwenzeka yensimu yenu ngokwenza indlu ngendlu. Uma ninensimu enkulu, abadala bangase banikhuthaze ukuba nishiye ikhophi yaleli pheshana emizini okungekho muntu kuyo ekuhambeleni kokuqala. Khumbula ukubanika ikhophi omakhelwane, izihlobo, abantu ojwayelene nabo emsebenzini noma esikoleni, kanye nabanye ovame ukuxoxa nabo. Mhlawumbe ungahlela izimo zakho ukuze ube iphayona elisizayo ngo-October noma ngo-November. Ingabe unengane noma umuntu omfundela iBhayibheli othuthuka kahle ngokomoya ongase afanelekele ukuhlanganyela nathi kulo mkhankaso njengommemezeli ongabhapathiziwe? Uma kunjalo, tshela abadala.
4 Lokho Ongakusho: Ukuze ufinyelele abantu abengeziwe ngalesi sigijimi, kungcono kakhulu ukufushanisa intshumayelo yakho. Mane ubuze abaninikhaya umbuzo owodwa kweyisithupha esesembozweni bese ubabonisa impendulo epheshaneni. Lokhu kuyokwenza ukuba bonke abamemezeli bavumelanise intshumayelo yabo nezidingo zensimu. Uma umuntu ebonisa isithakazelo, bhala phansi futhi uphindele kuye. Ngezimpelasonto, leli pheshana lingase lihanjiswe nomagazini bamuva. Ngemva kokuphela komkhankaso ngo-November 16, siyohambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Noma imaphi amapheshana asele ayosetshenziswa njengamanye amapheshana esinawo.
5 Qala Isifundo SeBhayibheli: Leli pheshana liklanyelwe ukusisiza siqale izifundo zeBhayibheli ngokukhethekile. Lapho uphindela kothile obonise isithakazelo, ungase umbuze ukuthi iliphi iqiniso leBhayibheli elimnikeze induduzo noma impumuzo? Mbonise ikhasi elingemuva lapho kuchazwa khona ilungiselelo lesifundo seBhayibheli, bese umhambisela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Uma kungenzeka, cabangelani kafushane isigaba esisodwa noma ezimbili esahlukweni esichaza kabanzi ngesihloko asikhethile.
6 UJehova ufuna abazomkhulekela “ngomoya nangeqiniso.” (Joh. 4:23) Kwangathi sonke singahlanganyela kulo mkhankaso okhethekile ukuze sisize abanye balazi iqiniso!