Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/08 k. 1
  • Incwadi Yegatsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Yegatsha
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Yegatsha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ingabe Lona Kungaba Umsebenzi Okulungele Kunayo Yonke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Kwenziwani Ehhovisi Legatsha?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Inkonzo YaseBethel—Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 9/08 k. 1

Incwadi Yegatsha

Bamemezeli BoMbuso Abathandekayo:

Unyaka wenkonzo odlule ube unyaka omatasa kakhulu kodwa ojabulisayo. Sajabulela ukunikezelwa kwezakhiwo ezandisiwe zegatsha ngo-November 10, 2007, lapho kwaba khona abafowethu nodade abavela kulo lonke leli asebeneminyaka engaphezu kwengu-40 bebhapathiziwe. Kwakukhona nabanye abazalwane abaningi bakwamanye amazwe. Ngempela lesi kwakuyisenzakalo esijabulisayo futhi esiqinisa ukholo.

Sajabula ngokufinyelela inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-82 447 ngo-March kanye nezifundo zeBhayibheli ezingu-101 498 ngo-April. Inani lababa khona eSikhumbuzweni labangu-205 498 nalo kwakuyinani elisha eliphakeme.

Ngo-May izwe lonke lashaqeka ngokuhlaselwa kwezifiki zakwamanye amazwe. Abafowethu abaningi basemazweni angomakhelwane bathinteka. Nakuba bengekho ababulawa, abaningi balahlekelwa yimizi yabo nezinye izimpahla zabo. Abanye, kuhlanganise nabaningi abafundelwa iBhayibheli, bahlaselwa futhi bahlukumezeka kakhulu ngokomzwelo. Kwakukhuthaza kakhulu ukusabela kwabazalwane ezindaweni “eziphephile” eziseduze. Laba bafowethu basiza ngendawo, ukudla, izingubo zokugqoka, nanganoma yini eyayidingeka ukuze labo abathintekile banethezeke. Abanye basiza ngezimali okwenza ukuba abanye bakwazi ukubuyela emazweni akubo. EKapa ibandla elithile lathola incwadi yokubonga ngosizo olwanikezwa abafowethu. Ngokwengxenye yayithi: “Sasingebona ababaleki; sasikujabulela ukuhlala ndawonye njengomkhaya. Indlela esasinda ngayo isinika umbono wendlela esiyosindiswa ngayo e-Armagedoni ngesikhathi esifanele futhi sinikwe indawo enhle epharadesi.” Abaningi bethu banikezwa ithuba lokubonisa ukuthi siyabathanda ngempela abafowethu. Uma kudingeka, siyobafela abafowethu.—Joh. 13:34, 35.

Abafowenu,

IHhovisi Legatsha LaseNingizimu Afrika

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela