Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/08 kk. 6-7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 8/08 kk. 6-7

IZaziso

◼ Ngo-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, Ungaba Umngane KaNkulunkulu! nethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele isiqondiso esisemakhasini 21-23 e-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, mayelana nanoma ibaphi abasusiwe ekuhlanganyeleni noma abazihlukanisile abangase bafise ukubuyiselwa.

◼ Sizani niphawule ukuthi ngeke abe khona amalungiselelo okubona iBethel kusukela ngo-August 25 kuya ku-September 2, 2008, ngenxa yokuthi kuzobe kwenziwa umsebenzi waminyaka yonke wokubala isitokwe.

◼ Amabandla kufanele a-ode IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2009 kanye ne-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Lezi zinto ngeke zithunyelwe zingacelwanga. Zi-odwa ngokukhethekile futhi kufanele zi-odwe kuphela uma kunabamemezeli abathile kuphela abazifunayo. Kuze kube yilapho zitholakala, kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” ezinhlwini zezincwadi ezithunyelwe. Kufanele kwenziwe isaziso ebandleni ngaphambi kokuba kuthunyelwe ama-oda alezi zinto. Abamemezeli akufanele bazindele ukufaka ama-oda abo etafuleni lezincwadi futhi umxhumanisi wabaphathi bezincwadi kufanele athumele i-oda ngokushesha ehhovisi legatsha. Umbonisi owengamele kufanele alandelele ukuze aqiniseke ukuthi akulibaziseki ukufakwa kwama-oda. Kuyodingeka ukuhlela okuhle, ngoba ngeke enziwe amalungiselelo akhethekile okuthumela izinto eziphuthumayo noma okulanda izincwadi eBethel. Umbonisi wenkonzo kufanele aqiniseke ukuthi ibandla li-oda amanani ezinto ezizosetshenziswa kuphela.

◼ Amabandla akudingeki ukuba a-ode incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2009 ngoba izothunyelelwa amabandla ngokwezilimi namanani e-Nkonzo Yethu YoMbuso. Nokho, uma amabandla edinga ezengeziwe noma ezinye izilimi, sizani nithumele i-oda. Kufanele nibhale ngokucacile kuyi-Literature Request Form (S-14) ukuthi “Leli oda elokwenezela enanini elithunyelwe.”

◼ Amabheji omhlangano wesigodi ka-2008 ayothunyelwa nama-oda ezincwadi. Lapho ethola la mabheji, umxhumanisi wabaphathi bezincwadi ebandleni elingumxhumanisi kufanele aqiniseke ukuthi ibandla ngalinye eliseQenjini LaseHholo LoMbuso lithola isitokwe elisithunyelelwe. Uma kudingeka amabheji engeziwe, bhalani ngokucacile kuyi-Literature Request Form (S-14) ukuthi “Leli oda elokwenezela enanini elithunyelwe.” Ama-oda afika sekwephuzile ngeke amukelwe. La mabheji ayotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Sizani nibheke iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2001 mayelana nokuthi obani okufanele banikezwe amabheji.

◼ Izembozo zamabheji zepulasitiki (bdg) zi-odwa ngokukhethekile, ngakho ngeke zithunyelwe. Uma abamemezeli bezifuna kufanele zi-odwe ngebandla elingumxhumanisi kusenesikhathi ngaphambi komhlangano. Ama-oda afika sekwephuzile ngeke amukelwe, ngakho kubalulekile ukuhlela kahle.

◼ Isihloko esithi “Isikhathi Sokudla Ngokomoya Nesokujabula” nesithi “Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi” ezikule Nkonzo Yethu YoMbuso kuyohlelwa ukuba kuxoxwe ngazo eMhlanganweni Wenkonzo ngo-October. Kodwa eNamibia naseBotswana lapho imihlangano iyosheshe iqale khona, amabandla kufanele ahlele inkulumo yemizuzu engu-25 yokuxoxa ngalezi zihloko kusasele okungenani amasonto amathathu ngaphambi kokuba kuqale umhlangano wesigodi ibandla elabelwe kuwo.

◼ Kuyoqhutshwa imihlangano yesifunda yolimi lwezandla eHholo LoMhlangano LaseBellvillle ngo-September 27, 28, 2008 kanye naseHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof ngo-August 22, 23, 2009. Kuhlelwé imihlangano ekhethekile yosuku olulodwa yolimi lwezandla eGeorge ngo-April 11, 2009 naseHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof ngo-April 26, 2009.

◼ IZimemo (sf) ezingabhalwe lutho seziyatholakala ngoLimi Lwezandla LwaseNingizimu Afrika. Sizani niphawule ukuthi leli fomu kufanele lisetshenziswe amabandla abakhuluma ngezandla nalawo anamaqembu abakhuluma ngezandla kuphela. Uma abamemezeli behlangana nezithulu ensimini, kufanele bagcwalise ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) futhi balithumele ebandleni eliseduze labakhuluma ngezandla.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

IMiqulu Ye-Nqabayokulinda Ka-2008 (wvol08) —ngesiBhunu, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu

◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:

I-albhanu ye-Nqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova—2008 (engenalutho) (dvcw08) —ngoLimi Lwezandla LwaseMelika

◼ Ama-DVD Amasha Anezilimi Ezihlukene Atholakalayo:

Warning Examples for Our Day and Respect Jehovah’s Authority (dvwra) —ngesi-Arabhu, isiDashi, isiMalagasy, isiNgisi, isiPutukezi (saseBrazil), isiPutukezi (saseYurophu), iSpanishi (Kuyi- DVD eyodwa)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela