Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-August 25, 2008. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-July 7 kuya ku-August 25, 2008.
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Singabonisa kanjani ukuthi sinengqondo lapho sifundisa abanye iqiniso? (Fil. 4:5) [be-ZU k. 251 isig. 3]
2. Isibonelo sikaPawulu lapho ekhuluma namaGreki e-Areyophagu singasisiza kanjani lapho sifakaza kubantu abangabheki iBhayibheli njengelinegunya? (IzE. 17:22, 23) [be-ZU k. 252 izig. 1-2]
3. Ngisho noma singase siqiniseke ukuthi umuntu esikhuluma naye wenza iphutha, singabonisa kanjani ukuthi sinengqondo lapho sisebenzelana naye? [be-ZU k. 253 izig. 1-2]
4. Njengoba sizama ukukhuluma ngendlela ekholisayo, yini okufanele sihlale siyikhumbula? [be-ZU k. 255 isig. 3, ibhokisi]
5. Singakusebenzisa kanjani ukuqonda lapho sifuna ukufinyelela inhliziyo yesilaleli? (IzAga 20:5) [be-ZU k. 258 isig. 1–k. 259 isig. 1]
ISABELO NO. 1
6. Yini okufanele odade bayikhumbule lapho becabangela ukuhlelwa kwenkulumo? [be-ZU k. 44 izig. 5-6]
7. Yini okufanele abazalwane bazame ukuyifinyelela lapho benikeza amaphuzu avelele eBhayibheli? (Neh. 8:8) [be-ZU k. 47 izig. 2-3]
8. Umzalwane kufanele asisingathe kanjani isabelo soMhlangano Wenkonzo esidinga umboniso noma ingxoxo nothile? [be-ZU k. 49 isig. 5]
9. Incwadi yezEnzo iyiqokomisa kanjani indlela nezinga ubufakazi okumelwe bunikezwe ngalo? (IzE. 20:20, 21; 28:23) [si-ZU k. 204 isig. 35]
10. Isikhulumi esinikeza inkulumo yeningi singenzani ukuze siqiniseke ukuthi inkulumo yaso isekelwe eBhayibhelini? (IzE. 17:2, 3) [be-ZU k. 52 isig. 6–k. 53 isig. 2]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Kungani umgcini wejele waseFilipi afuna ‘ukuzibulala’? (IzE. 16:25-27) [w90-ZU 5/15 k. 25, ibhokisi]
12. U-Aristarku noGayu basabela kanjani lapho beshushiswa? (IzE. 19:29; 20:4, 5) [w08-ZU 2/15 k. 10 izig. 16-17]
13. Kwakusho ukuthini ukuthi uSawulu ‘wayekhahlela izinkandi’? (IzE. 26:14) [w03-ZU 10/1 k. 32]
14. Isono ‘sasingalithola kanjani ithuba’ ngomyalo uNkulunkulu ayewunike u-Israyeli? (Roma 7:8, 11) [w08-ZU 6/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseRoma”]
15. ‘Siwanqwabelanisa kanjani amalahle avuthayo’ ekhanda lesitha? (Roma 12:20) [w08-ZU 6/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseRoma”]