Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
1 “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze. Luseduze, lushesha kakhulu.” (Zef. 1:14) UZefaniya nabanye abaprofethi abangu-11 okuthiwa abaProfethi Abancane babelukhumbula njalo usuku lukaJehova. Ukucabangela imibhalo yabo ephefumulelwe eSifundweni Sencwadi Sebandla encwadini ethi Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova kuyosisiza ukuba silulungele lolo suku olwesabekayo.—Zef. 2:2, 3.
2 Izici Eziyingqayizivele: Kunokuba igxile ezincazelweni ezingokomfanekiso noma zevesi nevesi zalezi zincwadi zesiprofetho ezingu-12, incwadi ethi Usuku LukaJehova ichaza indlela le mibhalo ephefumulelwe esebenza ngayo ezimweni zokuphila ezingokoqobo esibhekana nazo nsuku zonke. Igcizelela ukuthi kungani kufanele sibonise umuzwa wokuphuthuma kuzo zonke izinqumo nezenzo zethu. Igxila ezindabeni zokuphila komkhaya, ebuhlotsheni bethu namanye amakholwa, ekuzijabuliseni esikukhethayo, enkonzweni yethu nasezinqumweni ezimayelana nomsebenzi.
3 INgxenye 1 yale ncwadi isisiza ukuba sibazi laba baprofethi abangu-12 nezincwadi zabo. Babengobani? Sifana kanjani nabo? INgxenye 2 igxila kuJehova nasezimfanelweni zakhe. Laba baprofethi basisiza kanjani ukuba siqonde uJehova nobuntu bakhe? INgxenye 3 igxila ekuziphatheni kwethu nasendleleni esisebenzelana ngayo nabanye. Singamthokozisa kanjani uNkulunkulu ngokoqobo nsuku zonke? INgxenye 4 ichaza indlela yokuphila ngenjabulo kuyilapho silindele usuku lukaJehova.
4 Hlela Manje Ukuze Uzuze: Zimisele manje ukuzuza ngokugcwele lapho kufundwa incwadi ethi Usuku LukaJehova, okuyoqala ngesonto lika-August 4, 2008! Hlela ukuba khona masonto onke eSifundweni Sencwadi Sebandla. Silungiselele kahle isifundo ngasinye, ubheke imibhalo ukuze ubone indlela ehlobana ngayo nendaba efundwayo. Zindla ngendaba ngokuzibuza, ‘Ngingakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ekhaya, esikoleni, emsebenzini, enkonzweni yami nasekusebenzelaneni kwami nabafowethu nodadewethu abangamaKristu?’ Yiza esifundweni sencwadi ukulungele ukuphendula ukuze ube nengxenye ekukhuthazaneni.—Roma 1:12.
5 Kwangathi ukufunda kwethu incwadi ethi Usuku LukaJehova kungasilungiselela manje, ukuze ‘simele usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’ Ngempela lolo suku luseduze!—Joweli 2:11.