Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-June 30, 2008. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-May 5 kuya ku-June 30, 2008. [Phawula: Uma zingekho izikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka ukuba uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Yini esingayenza ukuze siqinisekise ukuthi imifanekiso esiyisebenzisayo iyaqondakala? [be-ZU k. 242 isig. 4–k. 243 isig. 1]
2. Kungani imifanekiso elula esekelwe ezimweni ezijwayelekile iphumelela? [be-ZU k. 245 izig. 2-4]
3. Kubaluleke kangakanani ukusebenzisa izinsiza-kufundisa ngempumelelo, futhi uJehova wazisebenzisa kanjani ukuze afundise izifundo ezibalulekile? (Gen. 15:5; Jer. 18:6; Jona 4:10, 11) [be-ZU k. 247 izig. 1-2]
4. Singazisebenzisa kanjani izinsiza-kufundisa ukuze sithuthukise indlela esifundisa ngayo? [be-ZU k. 248 izig. 1-3]
5. Singawasebenzisa kanjani amabalazwe njengezinsiza-kufundisa eziphumelelayo lapho sifundisa abantu? [be-ZU k. 248 isig. 4]
ISABELO NO. 1
6. Ukutadisha iBhayibheli ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu kuyosisiza ukuba siqondeni? [be-ZU k. 32 izig. 3-4]
7. Singalisebenzisa kanjani iBhayibheli ngokwalo ukuze sicwaninge incazelo yevesi elithile? [be-ZU k. 34 isig. 4–k. 35 isig. 2]
8. Indima kaJesu njengomzila kaJehova wokudlulisela izibusiso esintwini igcizelelwe kanjani eVangelini likaJohane? [si-ZU k. 198 isig. 32]
9. ImiBhalo ikusekelaphi ukuthi incwadi yezEnzo yabhalwa udokotela uLuka? [si-ZU k. 199 isig. 3; k. 200 izig. 5-7]
10. Ngokuvamile, umuntu angaqala kanjani ukwenza uhlaka lwenkulumo? [be-ZU kk. 39-41]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Iliphi ithempeli ‘elakhiwa iminyaka engamashumi amane nesithupha’? (Joh. 2:20) [w08-ZU 4/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane”]
12. Bangobani ‘abadlula ekufeni baye ekuphileni’? (Joh. 5:24, 25) [w08-ZU 4/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane”]
13. Isiphi isifundo esisifundayo ngomoya ongcwele kuJohane 14:26 naku-16:13, futhi iluphi usizo esingaluthola kuwo? [w08-ZU 4/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane”]
14. Kungani uJesu atshela uMariya Magdalena ukuba ayeke ukunamathela kuye? (Joh. 20:17) [w08-ZU 4/15 “IZwi LikaJehova Liyaphila—Amaphuzu Avelele Encwadi KaJohane”]
15. Kusho ukuthini ukuza kukaJesu “ngendlela efanayo” naleyo anyukela ngayo ezulwini? (IzE. 1:9-11) [rs-ZU k. 264 isig. 5; it-1 k. 186 isig. 8]