Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/08 k. 1
  • Shumayela Ngaphandle Kokuyekethisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Shumayela Ngaphandle Kokuyekethisa
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Singayekethisi Ekumemezeleni Izindaba Ezinhle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • ‘Ukuletha Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Bayokuzwa Kanjani?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 6/08 k. 1

Shumayela Ngaphandle Kokuyekethisa

1 Ngezinye izikhathi, singase sibe nomuzwa wokuthi insimu yethu isiphindaphindwe kaningi futhi isisetshenzwé ngokuphelele kodwa abantu abasabeli. Kodwa kunezizathu ezisishukumisela ukuba siqhubeke sishumayela.—Math. 28:19, 20.

2 Ngenjongo Yobufakazi: UJesu wabikezela ukuthi ukushumayela ngoMbuso kwakuyoba ingxenye ebalulekile yesibonakaliso esiyinhlanganisela ‘sesiphelo sesimiso sezinto’ nokuthi kwakuyokwenziwa “ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:3, 14) Lapho abantu besibona sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso, banikezwa ubufakazi obunamandla. Lapho sesihambile kuleyo ndawo, abanye abantu bangase bachithe amahora noma izinsuku bekhuluma ngokubahambela kwethu, ngisho noma bengasilalelanga isigijimi. Ukuqonda izizathu zokuthi kungani senza inkonzo yethu kusisiza ukuba sibekezele. Sijabulisa uJehova ngokuhlanganyela ekugcwaliseni isiprofetho seBhayibheli ngokunikeza ubufakazi nangokusakaza isigijimi esiyisixwayiso.—2 Thes. 1:6-9.

3 Kudingeka Ukubekezela: Kudingeka sibekezele lapho sizama ukuvusa isithakazelo sabantu ngenxa yokuthi kuneziphazamiso eziningi nezinto ezidla isikhathi sabo. Owesifazane othile wahanjelwa unyaka wonke ngaphambi kokuba anqume ukungenisa oFakazi kwakhe bazoxoxa ngeBhayibheli. Wakuthanda akuzwa kangangokuba wamukela isifundo seBhayibheli, waqala ukuya emihlanganweni, futhi ngokushesha wazwakalisa isifiso sokubhapathizwa.

4 Izimo zezwe zishintsha ngokushesha, ngokufanayo nabantu. Abaningi abebengasamukeli lapho sibahambele ngaphambili manje bamukela ithemba eliqabulayo esibatshela ngalo. Uma umuntu oyedwa vó esamukela isigijimi soMbuso, lokhu kuyobe kuwumvuzo omuhle wokubekezela kwethu.

5 Emhlabeni wonke, bayanda abantu ‘ababubulayo futhi bequma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwayo.’ (Hez. 9:4) Izithelo zoMbuso zibonisa ukuthi labo abathambekele ekulungeni bayasamukela isigijimi soMbuso. (Isaya 2:2, 3) Ngakho-ke, masiqhubekeni sishumayela ngaphandle kokuyekethisa sibekezela ngothando ‘ekuletheni izindaba ezinhle zokuthile okungcono.’—Isaya 52:7; IzE. 5:42.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela