Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/08 k. 4
  • Uma Umninikhaya Ekhuluma Ulimi Oluhlukile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uma Umninikhaya Ekhuluma Ulimi Oluhlukile
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukisa Insimu Yabakhuluma Izilimi Zakwamanye Amazwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Ukubonisa Ukungakhethi Enkonzweni Yethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukusebenza Ngokubambisana Lapho Kushunyayelwa Ensimini Enezilimi Ezehlukahlukene
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 6/08 k. 4

Uma Umninikhaya Ekhuluma Ulimi Oluhlukile

1. Kungani kunesidingo esikhulayo sokubambisana lapho kusetshenzwa insimu?

1 Sekuvamile manje ukuba abamemezeli boMbuso emhlabeni wonke bathole abantu abanesithakazelo abakhuluma ulimi oluhlukile kolukhulunywa yibandla. Ukuze asize abanjalo ngokomoya, amagatsha amaningi akuthola kudingekile ukwakha amaqembu namabandla ezilimi ezihlukene. Njengoba kungenzeka kukhulunywa izilimi eziningana endaweni eyodwa, kungase kube namabandla amaningana ezilimi ezihlukene ashumayela ensimini efanayo. Lawo mabandla angabambisana kanjani ukuze aqiniseke ukuthi umsebenzi wokushumayela ufezwa ngokuhleleka?—1 Kor. 14:33.

2. Lapho sishumayela endlini ngendlu, singabambisana kanjani neqembu noma ibandla lolimi oluhlukile elisendaweni yakithi?

2 Ukubambisana Okuhle: Lapho esemsebenzini kamagazini noma eshumayela ngokwethukela, ummemezeli kufanele azizwe ekhululekile ukuxoxa nanoma ubani, kuhlanganise nabantu okungenzeka bakhuluma olunye ulimi, abahambisele izincwadi ngolimi abalufundayo. Kodwa lapho enza indlu ngendlu endaweni esetshenzwa nayiqembu noma ibandla lolunye ulimi, ummemezeli ngokuvamile uyogxila emizini yalabo abakhuluma ulimi lwebandla akulo. Lapho amabandla ahlukene eshumayela endaweni efanayo, kubalulekile ukugcina amarekhodi anembile. Ababonisi benkonzo kufanele baxhumane futhi bahlele izinto ngendlela ezuziza bonke. (IzAga 11:14) Kodwa-ke, uma kutholwa umuntu okhuluma olunye ulimi endlini ngendlu futhi engekho amabandla alolo limi eduze, ummemezeli kufanele azame ukubeka intshumayelo futhi anakekele leso sithakazelo.

3. Kufanele senzenjani uma sihlangana nabamemezeli beqembu noma bebandla lolimi oluhlukile besebenza insimu esiyisebenzayo nathi?

3 Umsebenzi Ofanayo: Isimo kufanele sisingathwe kanjani lapho abamemezeli bebandla elihlukile beshumayela ensimini efanayo ngosuku olufanayo? Kuyiqiniso ukuthi uthando lobuKristu luyonqoba yonke imingcele yolimi futhi bonke bayokhathalela ngokuyinhloko izidingo zabantu abasensimini. (Joh. 13:34, 35) Ngakho-ke, labo abaholayo bayobonisa ukucabangela nothando ngokunquma ukuthi elinye iqembu alinakudlulela yini kwenye insimu okwesikhashana.—Jak. 3:17, 18.

4. Yisiphi isiprofetho esigcwaliseka namuhla?

4 IBhayibheli laprofetha ukuthi abantu bezilimi ezihlukahlukene babezokuzwa izindaba ezinhle. (IsAm. 14:6, 7) Ngokubambisana kwabo bonke abahilelekile, kungagwenywa ukuba abamemezeli bamabandla ahlukene basebenze insimu eyodwa ngasikhathi sinye futhi kuyofinyelelwa abaningi abasanda kuthakazela ngezindaba ezinhle, kuhlanganise nalabo abakhuluma olunye ulimi.—Efe. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela