IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kuyafaneleka ukuba izilaleli zishaye ihlombe ekupheleni kwenkulumo ngayinye eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini naseMhlanganweni Wenkonzo?
Lapho uMdali, uJehova, esekela umhlaba, ‘izinkanyezi zokusa zakhamuluka kanyekanye ngenjabulo, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu aqala ukumemeza ehalalisa.’ (Jobe 38:7) La madodana kaNkulunkulu ayizingelosi ayefisa ukudumisa uJehova ngomsebenzi wakhe wendalo obabazekayo, owawuyisibonakaliso esisha sokuhlakanipha, ubuhle namandla akhe.
Kuyinto enhle ngathi ukubonisa ukwazisa ngemizamo yabafowethu ngezinkulumo abazinikezayo. Ngokwesibonelo, ngokuvamile siyalishaya ihlombe ezinkulumweni nasemibonisweni eyenziwa emibuthanweni ekhethekile, njengasemihlanganweni yesifunda neyesigodi. Lokhu kwenziwa ngemva kokuba isikhulumi sesinikeze inkulumo yaso, hhayi ngaphambi kwalokho. Ukulungiselela izinkulumo ezethulwa lapho, kusuke kudle isikhathi futhi kudinga umzamo othe xaxa. Ukushaya kwethu ihlombe akubonisi ukwazisa ngokuzikhandla kwesikhulumi kuphela kodwa nangemfundo uJehova ayinikeza ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe.—Isaya 48:17; Math. 24:45-47.
Kuthiwani ngokushaya ihlombe eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini naseMhlanganweni Wenkonzo? Ayikho imithetho enqabela ukushaya ihlombe uma kuzenzekela, njengalapho umfundi eqeda inkulumo yakhe yokuqala esikoleni. Kodwa ukushaya ihlombe kungase kuphenduke isiko nje elingasho lutho futhi kuphelelwe yinjongo. Ngakho, ngokuvamile asilishayi ihlombe ngemva kwenkulumo ngayinye, noma lapho kumenyezelwa inani labakhona eHholo LoMbuso.
Nakuba singase singalishayi ihlombe ezinkulumweni eziningi zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini naseMhlanganweni Wenkonzo, kunezinye izindlela sonke esingabonisa ngazo ukwazisa ngemfundo esiyitholayo nangemizamo yalabo abanezingxenye. Singakwenza lokhu ngokuhlala siphapheme futhi silalelisise izikhulumi. Futhi ngemva komhlangano, ngokuvamile liba khona ithuba lokuzibonga ngokuqondile ngemizamo yazo.—Efe. 1:15, 16.