Ungayithola Ingcebo!
1. Kungani kufanele ucabangele ukuba iphayona elivamile?
1 Ingabe ufuna injabulo eyengeziwe nokwaneliseka ekuphileni? Ingabe ukusiza abanye kuyakujabulisa futhi kukwanelise? Ingabe unesifiso sokwandisa inkonzo yakho kuJehova? Uma impendulo yakho inguyebo kunoma imuphi kule mibuzo, khona-ke kufanele ucabangele ukuba iphayona elivamile. Kuyiqiniso, kumelwe kucatshangelwe umkhaya neminye imithwalo engokomBhalo, kanye nempilo nokulinganiselwa komzimba.
2. Yisho enye yengcebo engokomoya etholwa amaphayona avamile.
2 Imibhalo kaSolomoni eyaphefumulelwa uNkulunkulu ihlobanisa isibusiso sikaJehova nengcebo yezinto ezibonakalayo. (IzAga 10:22) Namuhla, isibusiso sikaJehova siletha ingcebo engokomoya ngokuyinhloko. Amaphayona avamile athola ingcebo enjalo echichimayo. Ngokwesibonelo, athola injabulo eyengeziwe yokupha abanye njengoba ‘ethengisisa ithuba’ eminakweni yomuntu siqu. (Kol. 4:5; IzE. 20:35) UJehova uyayiqaphela imisebenzi yawo yothando futhi uyayazisa. Inani laleyo ‘ngcebo esezulwini’ ngeke linciphe. (Math. 6:20; Heb. 6:10) Ngaphezu kwalokho, njengoba amaphayona egcina ‘iso lilihle’ futhi ethembela kuJehova ukuba anakekele izidingo zawo, ubuhlobo bawo naye buyaqina.—Math. 6:22, 25, 32; Heb. 13:5, 6.
3. Uyini umehluko phakathi kokuphishekela ingcebo engokomoya nokuphishekela ingcebo yezinto ezibonakalayo?
3 Ukuphishekela ingcebo yezinto ezibonakalayo ngokuvamile kuholela ‘ezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo.’ (1 Thim. 6:9, 10; Jak. 5:1-3) Akunjalo neze ngesibusiso sikaJehova. Ukuchitha isikhathi esiningi enkonzweni kusiza amaphayona avamile ukuba alondoloze izinga elithile elingokomoya futhi agxile ezintweni ezibaluleke kakhulu. (Fil. 1:10) Omunye umzalwane wayeka umsebenzi wobunjiniyela owawumdlela isikhathi ukuze abe iphayona. Wathi: “Ngathola ukuthi umsebenzi wami uyangicindezela. Akunjalo ngokuba iphayona. Manje ngisiza abantu futhi ngibafundise iqiniso. Lokhu kuye kwanginika ukwaneliseka okwengeziwe futhi kuyathakazelisa.”
4. Amaphayona avamile abusiswa kanjani njengoba eletha izibusiso kwabanye?
4 Izibusiso Kwabanye: Namuhla, wonke umuntu ubhekana ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thim. 3:1) Abantu yonke indawo balidinga ngempela ithemba. Abamemezeli boMbuso bayajabula lapho bezibonela ngawabo ukuthi abantu abebephelelwe yithemba bangaba nethemba lapho bamukela izindaba ezinhle. Yeka ukuthi inkulu kangakanani leyo njabulo kumaphayona avamile, achitha amahora angaphezu kuka-800 unyaka ngamunye kulo msebenzi wokusindisa ukuphila!—1 Thim. 4:16.
5, 6. Yini engakusiza ukuba ube iphayona elivamile?
5 Ingabe uke wakucabangela nzulu ukukhonza njengephayona elivamile? Kungase kudingeke ukuba ‘uzithengele ithuba’ kwezinye izinto ezingabalulekile. (Efe. 5:15, 16) Abaningi benze kanjalo futhi benza ukuphila kwabo kwaba lula, okubasize ukuba banciphise isikhathi somsebenzi wokuziphilisa ukuze bakwazi ukunikela isikhathi esengeziwe emisebenzini yoMbuso. Ungakwazi yini ukuhlela izimo zakho ukuze ubajoyine?
6 Cela ukuhlakanipha kuJehova ukuze ukwazi ukuhlela isimiso esisebenzayo. (Jak. 1:5) Yiziphi izibusiso ongazilindela? Inala yengcebo engokomoya! UJehova uyokubusisa nangezinto ezibonakalayo ozidingayo. (Math. 6:33) Labo abavivinya uJehova kule ndaba bayothola “isibusiso kuze kungabikho ukuswela.”—Mal. 3:10.