ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-May 12
INgoma 134
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yebandla, makube nemiboniso yokuhambisa INqabayokulinda ka-May 1 ne-Phaphama! ka-May.
15 imiz: Singabhekana Nanoma Ikuphi Ukulingwa! Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2005, amakhasi 30-1. Cela abamemezeli abakhethiwe bachaze indlela uJehova abasiza ngayo ukuba babhekane nokulingwa okuthile.
20 imiz: Ungakwazi Yini Ukuba Iphayona Elisizayo Kulezi Zinyanga Ezizayo? Ingxoxo nezilaleli. Bukeza amakhasi 112-13 encwadi Ukuhlelelwa, achaza izimfuneko. Cela labo abaye basebenzisa isikhathi sabo seholidi ukuze babe amaphayona asizayo ukuba balandise ngezibusiso abazithola. Cela labo abaye baba amaphayona asizayo ngesikhathi samaholidi esikole ukuba balandise indlela abanye ababakhuthaza futhi babasiza ngayo. Ukuba amaphayona asizayo kwabasiza kanjani ukuba bathuthuke ngokomoya? Yini abayijabulela? Bakhuthaze bonke abafanelekayo ukuba bacabangele ukuphayona kulezi zinyanga ezizayo.
INgoma 187
Isonto Eliqala Ngo-May 19
INgoma 47
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza iBhokisi Lemibuzo.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Ungayithola Ingcebo!”a Khulumela izimfuneko zamaphayona avamile, ezitholakala emakhasini 113-14 encwadi Ukuhlelelwa. Labo abafisa ukuqala ukuphayona ngo-September 1 kufanele bafake izicelo zabo ngokushesha ngangokunokwenzeka.
INgoma 206
Isonto Eliqala Ngo-May 26
INgoma 103
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-May. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 1 ne-Phaphama! ka-June.
15 imiz: “Bekani Ijoka Lami Phezu Kwenu.”b Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
20 imiz: Hambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ngo-June. Inkulumo nemiboniso. Bukeza ezinye zezintshumayelo eziyisibonelo esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2006. Hlanganisa umboniso onezingxenye ezimbili. Bonisa ukuthi le ncwadi ingahanjiswa kanjani bese kuba yindlela yokwenza impindelo ngomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli.
INgoma 169
Isonto Eliqala Ngo-June 2
INgoma 221
10 imiz: Izaziso zebandla.
20 imiz: Abantu Bezenzo Zokuthembeka Bathola Izibusiso Eziningi. (IzAga 28:20) Inkulumo nengxoxo nezilaleli esingathwa unobhala. Chaza indlela uJehova ayibusise ngayo imizamo yebandla yokwandisa umsebenzi walo ngo-March, April, nango-May, futhi ulincome. Memezela inani lababe amaphayona asizayo, inani lezifundo ezintsha zeBhayibheli eziqaliwe, nezinye izinto ezinhle ezifezwe enkonzweni. Cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho okuphathelene neSikhumbuzo nomkhankaso wokusakaza izimemo. Kungase kwenziwe imiboniso ngezinto ezivelele ezenzeka ngokoqobo ensimini. Xoxa kafushane nabamemezeli ababili noma abathathu ngezibusiso abazijabulela njengamaphayona asizayo.
15 imiz: ‘Lungelani Yonke Imisebenzi Emihle.’c Cela izilaleli ukuba zilandise ukuthi ziyilungiselela kanjani futhi nini inkonzo yendlu ngendlu.
INgoma 44
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.