Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Apr. 1
“Njengoba ingcebo yomhlaba isetshenziswa kabi, wake wazibuza yini ukuthi ingabe umhlaba uyohlala ukhona? [Lindela impendulo.] Phawula lesi sithembiso esiduduzayo. [Funda iHubo 104:5.] Lesi sihloko sibonisa lokho okushiwo yiBhayibheli ngekusasa lomhlaba.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.
Phaphama! Apr.
“Njengoba sinokuningi kangaka esikwenzayo, abaningi bakuthola kunzima ukubekela eceleni isikhathi sokukhonza uNkulunkulu. Ingabe ukuthola kuyinselele lokho? [Lindela impendulo bese ufunda eyabase-Efesu 5:15-17.] Lesi sihloko sinikeza incazelo yeBhayibheli enengqondo mayelana nokuthi singakanani isikhathi namandla uNkulunkulu alindele ukuba sikunikele kuye.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 20.
INqabayokulinda May 1
“Abantu abaningi bathi bakholelwa yilokho abakubonayo kuphela. Uyavumelana nabo? [Lindela impendulo bese ufunda eyabaseRoma 1:20.] Lo magazini uqokomisa izimfanelo ezintathu zikaNkulunkulu esingazibona ngokucacile endalweni futhi uchaza indlela ukwazi lezi zimfanelo okungasithinta ngayo.”
Phaphama! May
“Abantu abaningi namuhla bayalesaba ikusasa. Ingabe ucabanga ukuthi izinto ziyoba ngcono, noma ucabanga ukuthi isimo siyoqhubeka siba sibi? [Lindela impendulo bese ufunda isAmbulo 21:3, 4.] Lo magazini uchaza ukuthi kungani singaqiniseka ngokuthi maduzane uNkulunkulu uzoxazulula izinkinga ezinzima isintu esihlulekile ukuzilungisa.”