Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Apr. 15
“Kubonakala sengathi izenzo zonya ziya zanda kakhulu. [Nikeza isibonelo sendawo noma osifunde kumagazini.] Wake wazibuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuba abantu babe nonya kangaka? [Lindela impendulo.] IBhayibheli labikezela ukwanda konya. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] Lo magazini uphendula umbuzo othi, ‘Ingabe unya luyoke luphele?’”
Phaphama! Apr.
“Abantu abaningi bathi bangamaKristu. Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuba umKristu? [Lindela impendulo.] Qaphela lokho okwashiwo uJesu lapha. [Funda uJohane 15:14.] Lesi sihloko sibonisa ukuthi kudingeka okwengeziwe kunokusho nje ukuthi ungumKristu.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 26.
INqabayokulinda May 1
“Ukufa komntwana kubangela abazali ubuhlungu obujulile obuhlala njalo. Ucabanga ukuthi bangayithola kuphi induduzo? [Lindela impendulo, bese ufunda eyabaseRoma 15:5.] Lo magazini uchaza ezinye zezindlela uNkulunkulu abaduduza ngazo abalilayo.”
Phaphama! May
“Abanye abantu bajabulela ukuchuma, kuyilapho izigidi zabanye ziphila ngobumpofu. Ingabe ucabanga ukuthi siyoke siyibone inkathi lapho ukungalingani kuyobe kungasekho khona. [Lindela impendulo.] Qaphela indlela uNkulunkulu ababheka ngayo abampofu. [Funda amaHubo 22:24.] Lo magazini uchaza ithemba eliseBhayibheli ngabampofu.”