Duduzani Abalilayo
1. Kungani abalilayo bedinga induduzo?
1 Ukushonelwa othandekayo kuyinto ebuhlungu kakhulu, ikakhulukazi kulabo abangenalo ithemba loMbuso. (1 Thes. 4:13) Abaningi bavame ukuzibuza: ‘Kungani abantu befa? Bayaphi? Ngiyoke ngiphinde ngimbone yini othandekayo wami?’ Ngezansi kunokusikisela kokududuza labo esihlangana nabo enkonzweni yasensimini abalilayo ngenxa yokufa kwesihlobo noma umngane.—Isaya 61:2.
2. Uma umninikhaya esitshela ukuthi ushonelwe, ingabe kufanele selule lapho sishumayela ngaso sonke isikhathi?
2 Endlini Ngendlu: Umninikhaya angase asitshele ukuthi umkhaya wakhe usanda kushonelwa. Ingabe ucindezelekile ngokomzwelo? Ingabe umuzi ugcwele izihlobo ezisosizini? Uma kunjalo, kungase kube ngcono ukungeluli lapho sishumayela. (UmSh. 3:1, 7) Mhlawumbe singazwelana nomninikhaya, simnike ipheshana, umagazini, noma incwajana efanele, bese sivalelisa. Khona-ke singabuya ngesinye isikhathi esifanele ukuzonikeza induduzo eyengeziwe eseBhayibhelini.
3. Uma izimo zivuma, yimiphi imiBhalo esingayibonisa umninikhaya oshonelwe?
3 Ngezinye izikhathi, singase siqaphele ukuthi kunokwengeziwe esingakusho ekuhambeleni kokuqala. Nakuba lesi kungesona isikhathi sokuphikisa imibono eyiphutha, singase sikwazi ukufunda nabo izithembiso zeBhayibheli mayelana novuko. (Joh. 5:28, 29) Noma singabatshela lokho iBhayibheli elikushoyo ngesimo sabafileyo. (UmSh. 9:5, 10) Ukulandisa kweBhayibheli ngovuko nako kungaletha induduzo. (Joh. 11:39-44) Okunye esingakwenza ukucabangela naye amazwi ethemba uJobe awasho ngoJehova. (Jobe 14:14, 15) Ngaphambi kokuba sivalelise, singase sihambise incwajana ethi Kwenzekani Kithi Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo, noma enye incwajana noma ipheshana elifanele. Noma singase sishiye incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, sibhekisele endabeni esesahlukweni 6, bese sihlela ukuxoxa kabanzi ngaleyo ndaba lapho sibuya.
4. Yimaphi amanye amathuba esinawo okunikeza induduzo?
4 Ngezinye Izikhathi: Uma umngcwabo noma inkonzo yesikhumbuzo kuba seHholo LoMbuso, ingabe kuyoba khona izihlobo ezingakholwa? Zingase zinikezwe izincwadi eziduduzayo. Ezinye izindawo zemingcwabo ziye zabonga kakhulu ngokuba nezincwadi ezifanele ezingazinikeza imikhaya eshonelwe. Ngezinye izikhathi, izimemezelo zemingcwabo ezivela emaphephandabeni ziye zavula ithuba lokubhala incwadi emfushane yokududuza amalungu omkhaya oshonelwe. Kwesinye isimo, ngemva kokuthola incwadi eyayiqukethe namapheshana, umfelwa othile waya emzini wommemezeli nendodakazi yakhe, wafike wabuza: “Ingabe yini eningibhalele le ncwadi? Ngingathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli!” Le ndoda nendodakazi yayo bavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi baqala ukuba khona emihlanganweni yebandla.
5. Kungani kufanele siwaphaphamele amathuba okududuza abalilayo?
5 UmShumayeli 7:2 uthi: “Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili.” Umuntu olilayo ngokuvamile usesimweni esingcono sokulalela iZwi likaNkulunkulu kunomuntu ojabule. Sonke kufanele siwaphaphamele amathuba afanele okududuza labo abalilayo ngenxa yokushonelwa othandekayo.