Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/08 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
km 4/08 k. 7

IZaziso

◼ Ngo-April nango-May: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-June: Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela? Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, Ungaba Umngane KaNkulunkulu nethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?

◼ Onobhala bamabandla kufanele babe nesitokwe esanele samafomu athi ISicelo Senkonzo Yamaphayona Avamile (S-205) nathi ISicelo Senkonzo Yamaphayona Asizayo (S-205b). La mafomu angase a-odwe nge-Literature Request Form (S-14). Gcinani okungenani isitokwe sonyaka wonke. Ngaphambi kokuba nithumele amafomu ezicelo zamaphayona avamile ehhovisi legatsha, qinisekani ukuthi agcwaliswe ngokuphelele.

◼ Kubalulekile ukuba ihhovisi legatsha libe namakheli nezinombolo zocingo ezisebenzayo zabo bonke ababonisi abengamele nonobhala. Noma nini lapho kuba noshintsho, iKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele igcwalise, isayine, futhi ithumele ifomu elithi Ushintsho Lwekheli Lombonisi Owengamele/Likanobhala (S-29) ehhovisi legatsha ngokushesha. Lokhu kuhlanganisa nanoma iluphi ushintsho kumakhodi endawo ocingo.

◼ Noma nini lapho uhlelo lwakho lokuvakasha luhilela ukuya emihlanganweni yebandla, yesifunda, noma yesigodi kwelinye izwe, isicelo sakho sokwaziswa ngezinsuku, isikhathi nezindawo zemihlangano kumelwe sithunyelwe ehhovisi legatsha elengamele umsebenzi kulelo zwe. Amakheli amahhovisi amagatsha asohlwini olusekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka yamuva.

◼ Kusukela ngesonto lika-June 8 kuya ku-July 28, 2008, amabandla akhuluma isiVenda ayofunda incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo eSifundweni Sencwadi Sebandla.

◼ Kusukela ngesonto lika-August 4, 2008, amabandla akhuluma iSipedi nesiVenda ayofunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila eSifundweni Sencwadi Sebandla.

◼ Baxhumanisi babaphathi bezincwadi nonobhala bamabandla, sicela niphawule: Lapho nixhumana nehhovisi legatsha mayelana nezincwadi ezithunyelwe ngephutha, sicela nibe nohlu lwezincwadi ezithunyelwe eduze uma kungenzeka. Uma nibhalela ihhovisi legatsha, sizani nithumele nekhophi yohlu lwezincwadi enizithunyelelwe.

◼ Babonisi abengamele, sicela niphawule: Ngezinye izikhathi izincwadi ihhovisi legatsha elizibhalela izindikimba zabadala ziqukethe iziqondiso ezibalulekile ezithinta umsebenzi wenceku kamagazini noma yezincwadi. Ababonisi abengamele kufanele baqiniseke ukuthi lokho kwaziswa kudluliselwa kulaba bazalwane lapho izincwadi sezifundiwe.

◼ Zinceku zezincwadi, sicela niphawule: Sifisa ukuchaza ukuthi lisho ukuthini igama elithi “Pending [Kusazothunyelwa]” elivela ezinhlwini zezincwadi ezithunyelwe. Uma into ethile ingekho esitokweni okwesikhashana kuyobhalwa ukuthi “Pending.” Asikho isidingo soku-oda leyo nto futhi. Lapho isitokwe sesitholakala, liyobe selithunyelwa i-oda ebelisilele. Phawulani ukuthi kungase kuthathe isikhathi eside ukuthumela ama-oda ezinto ezitholakala emagatsheni aphesheya, njengama-CD-ROM, ama-DVD nezincwadi zezilimi zakwamanye amazwe.

◼ Kuhlelwe imihlangano ekhethekile yosuku olulodwa yabakhuluma ngezandla eHholo Lo-Mhlangano LaseBellville ngo-April 26, 2008, naseHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof ngo-May 4, 2008. Kuyoba nomhlangano wesifunda wabakhuluma ngezandla eHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof ngo-August 23, 24, 2008.

◼ Sihlela umhlangano wokuqala wosuku olukhethekile wesiFulentshi eHholo LoMhlangano LaseMidrand ngo-June 8, 2008.

◼ Kuyoba nomhlangano wesifunda wesiPutukezi eHholo Lo-Mhlangano Lase-Eikenhof ngo-July 26, 27, 2008.

◼ Sibheke phambili emkhankasweni ozayo wensimu engabelwe. Ngakho sifisa ukunikhumbuza ukuthi izincwadi kufanele zi-odwe kusenesikhathi, hhayi sekusele amasonto ambalwa nje ngaphambi komkhankaso. Sisikisela ukuba amabandla athumele ama-oda ezincwadi okungenani izinyanga ezintathu ngaphambi komkhankaso.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova—Ebhalwe Ngokugqamile (jdlp)—ngesiNgisi nangesiZulu

◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakalayo:

Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya (cdfy)—ngesiNgisi

Lapho Ufelwa Othandekayo (cdwe)—ngesiNgisi

◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakala Nge-MP3:

Sondela KuJehova (mpcl)—ngesiNgisi

Funda KuMfundisi Omkhulu (mplr)—ngesiNgisi

INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli (mpmy)—ngesiNgisi

Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila (mpgt)—ngesiNgisi

Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya (mpfy)—ngesiNgisi

Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? (mprq)—ngesiNgisi

Lifundisani Ngempela IBhayibheli? (mpbh)—ngesiNgisi

Lapho Ufelwa Othandekayo (mpwe)—ngesiNgisi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela