IZaziso
◼ Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Incwajana ethi Hlalani Nilindile! Noma, uma ningenayo esitokweni, ningase nihambise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla zenyanga ka-September, October no-November ngo-December 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Akufanele kusetshenziswe umuntu ofanayo ekwenzeni lokhu izikhathi zilandelana. Uma ibandla line-akhawunti yasebhange ehlukile, njengeyokunakekela noma ukwakha ihholo, izimali zayo nazo kufanele zibalwe. Lapho lokhu sekwenziwe, kufanele kwenziwe isaziso ebandleni ngemva kokufundwa kombiko wezimali olandelayo. Amabandla abhaliswe njengama-PBO kufanele athumele amarekhodi ezimali alezi zinyanga ezintathu ngokushesha ehhovisi legatsha. Unobhala nenceku yezimali kumelwe baqiniseke ukuthi amarekhodi ezimali aphelele futhi ahlelekile nokuthi ukwaziswa okulandelayo kuyatholakala: IPhepha Lemali (S-26), UMbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30), amaRisidi (S-24), amarekhodi ezindleko nesitatimende sasebhange senyanga ngayinye (uma ibandla line-akhawunti yasebhange). Wabhaleni ngokucacile ukuthi Accounting Office—PBO Registration.
◼ Sizani niphawule ukuthi iSikhumbuzo sonyaka ka-2009 siyoba ngoLwesine, April 9, ngemva kokushona kwelanga. Lesi saziso senziwa kusengaphambili ukuze abazalwane bakwazi ukufaka izicelo zokubekisa amahholo angatholakala ngalolu suku uma kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kudingeka ukuba kutholakale ezinye izindawo. Ezimweni ezinjalo, abadala kufanele benze isivumelwano nabaphathi, esiqinisekisa ukuthi azikho ezinye izinto eziphazamisayo eziyokwenziwa kuleso sakhiwo ukuze umkhosi weSikhumbuzo uqhutshwe ngokuthula nokuhleleka.
◼ Kuhlelwe uMhlangano Wesigodi WesiVenda wezinsuku ezimbili ozokuba seHholo LoMhlangano Lase-Eikenhof ngo-December 22-23, 2007. Bonke abamemezeli abakhuluma isiVenda eGauteng nasezindaweni eziseduze bamenywa ukuba babe khona kulo mhlangano.
◼ Ngezinye izikhathi ihhovisi legatsha lithola ama-oda ezincwadi aphuthumayo. Nicelwa ukuba nigweme ukuthumela ama-oda aphuthumayo ngaphandle kwalapho nithunyelelwe izincwadi okungezona. Izincwadi ezidingekayo ezizohanjiswa, zemikhankaso ekhethekile, ezizofundwa emihlanganweni kanye namafomu kumenyezelwa kusenesikhathi. Ngokuhlela okuhle, ama-oda amaningi aphuthumayo angagwenywa. Ama-oda avamile ezincwadi kufanele athunyelwe ngokushesha inyanga ngayinye ngisho noma ku-odwe izinto ezimbalwa.
◼ Ngeshwa, alikho ilungiselelo lokuba abazalwane balande izincwadi ezi-odwe amabandla abo eBethel. Ibandla ngalinye lingaphansi kwesimiso esikhethekile sokupakishwa kwezincwadi futhi ama-oda adilivwa ngokwaleso simiso. Umsebenzi othe xaxa ukwenza kungabi lula ukuphazamisa leso simiso ukuze amabandla alande izincwadi zawo. Nokho, abazalwane bavunyelwe ukuba balethe ama-Literature Request Form (S-14) abo lapho bevakashele eBethel.
◼ Amabandla asengaqala ukuthumela ama-oda e-Watchtower Library—2007 (cdly07). I-odwa ngokukhethekile, futhi ilungiselelwe amalungu ebandla abhapathiziwe futhi itholakala ngebandla kuphela. Akufanele ihanjiselwe umphakathi noma inikezwe abantu abanesithakazelo nje esingatheni koFakazi BakaJehova. I-Watchtower Library—2007 izotholakala ngesiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi, isiShayina esivamile nesiShayina (Esenziwe Lula). Sizani niphawule ukuthi i-cdly07-CH iyohlanganisa uhlelo lwe-cdly07 ngesiShayina esivamile nesiShayina (Esenziwe Lula).
◼ Sizani niphawule ukuthi incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2008—Ebhalwe Ngokugqamile (eslp08) i-odwa ngokukhethekile, ngakho ngeke ithunyelwe njengencwajana evamile ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2008 (es08). Amabandla kuyodingeka ayi-ode.
◼ Singathanda ukukhumbuza unobhala webandla ukuba aphendule incwadi ka-October 1, 2007 ephathelene nama-oda akhethekile kamagazini owengeziwe wemikhankaso ekhethekile ka-March, April no-May 2008.
◼ Iminikelo efakwa ebhokisini leSikhwama SamaHholo OMbuso (KHF) isetshenziselwa ukusiza amanye amabandla ukuba akhe amaHholo OMbuso. Le mali kufanele ithunyelwe ehhovisi legatsha nyanga zonke. Uma ibandla lenu likhokha isikweleti seHholo LoMbuso, noma linesikhwama esiseceleni seHholo LoMbuso, iminikelo yenu kufanele ifakwe ebhokisini elibhalwe ukuthi “Iminikelo Yebandla.”
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya (fy) —ngesiKwangali
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
Pursue Goals That Honour God (dvpsg) —ngesiNgisi
Respect Jehovah’s Authority (dvru) —ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
Warning Examples for Our Day (dvwx) —ngoLimi Lwezandla LwaseMelika